05  | Izindaba

Friday, 23 October 2026

Silale sibaliwe isikhulu sikaMasipala wasoThukela 

Sinukwa ngenkohlakalo nokukhwabanisa...

Image

John Hlongwa

SIKHALELWE amasango kaSigonyela isikhulu sikaMasipala wesiFunda uThukela, esisolwa ngamacala athinta inkohlakalo nokukhwabanisa.

Ngokuthola kweLANGA Lempelasonto, lesi sikhulu esingeke sisidalule kuze kube sivela enkantolo, siboshwe nendodana yaso ngoLwesithathu ebusuku. Kuthiwa ibanjwe nesamba semali ewu-R1 million.

Ukuboshwa kwalesi sikhulu kuza ngemuva kwamasonto ambalwa uNgqongqoshe weMali, KwaZulu-Natal uMnu Francois Rodgers, amemezela ukuthi uzoba nomhlangano noKlebe, kudingidwe udaba lokulwa nenkohlakalo ebikwa kulo masipala.

Image

Leli phephandaba likhulume namaqembu ezepolitiki aphikisayo kulo masipala, i-ANC ne-DA, akuthakasele ukuboshwa kwalesi sikhulu. Asho ngazwi linye ukuthi kade aqala ukubika ngenkohlakalo kulo mkhandlu, kodwa engakutholi ukwesekwa.

Usihlalo we-ANC esifundeni iJosiah Gumede, khona oThukela, uMnu Sipho Ndaba uthi bahlela umhlangano nosomlomo womkhandlu ukuze babhunge ngalolu daba.

Image

Usihlalo weDA kulo mkhandlu, uMnu Thys Janse van Rensburg, uthe kuyiqiniso ukuthi isikhulu siboshiwe.

"Kudala sikhala ngenkohlakalo kulo mkhandlu," esho.

Okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal, uCol Siphiwe Mhlongo usiqinisekisile lesi sigameko, wacela ukuthumela isitatimende esinemininingwane egcwele ngalolu daba.

Lo masipala uke waba sematheni ezinyangeni ezimbalwa ezedlule ngesikhathi kuvela izindaba zokungaphathwa ngendlela kwemali kuwo. Lokhu kwavela ngesikhathi ikomidi lePhalamende lihambele kulo mkhandlu.

Ukuya kuleya ndawo kwaleli komidi kwakungenxa yesikhalazo esafakwa yinyunyana yezisebenzi iSamwu, ikhala ngobandlululo, "wukwehla ngemilenze kwemali", wukwenzelelwa ohlelweni lwamathenda amanzi, nokuhluleka kwabaholi ukuphatha. Lokhu kwalandelwa yimibhikisho yezisebenzi ezazingaholile.