Ezemidlalo | 20

Friday, 23 May 2025

Uvuma eyengcindezi ebhekene neKaizer Chiefs nge-top 8

Image
UDillan Solomons uthi kumele bayinqobe iPolokwane City kumnyama kubomvu

NGU-DILLAN Solomons oyibamba emuva kwiChiefs.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Senzo Sokhela

UVUMA eyengcindezi ababhekene nayo ngokuqeda kwi-top 8 umdlali wasemuva weKaizer Chiefs, uDillan Solomons (28).


IChiefs izogadulisana nePolokwane City kowokusonga iBetway Premiership ngoMgqibelo ngo-15h00 eFNB Stadium, eSoweto.

Idinga iwini kumnyama kubomvu kulo mdlalo ukuze iqinisekise indawo yayo kwi-top 8.


"Isimo esikusona kasimile neze kahle, kodwa siyakwazi okufanele sikwenze.

"Kufanele sinqobe kumnyama kubomvu, imiqondo yethu ibheke lapho. Ngeke ngiphike ukuthi sinengcindezi ngoba kufanele sinqobe ukuze singene kwi-top 8.

"Okusifakela ingcindezi kakhulu wukuthi abalandeli bethu bafuna ukusibona sidlala emqhudelwaneni weMTN8 ngesizini ezayo, kanti nabaphathi ngokunjalo bafuna okufanayo.
"Sizokwenza konke okusemandleni ukuwunqoba lo mdlalo, isimo siyasiphoqa," kusho uSolomons ozakhele igama egijima kwiStellenbosch FC nakwiMoroka Swallows engasekho.

Image

NGU-NASREDDINE Nabi ongumqeqeshi weChiefs.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Ephawula ngemibiko ethi umqeqeshi wale kilabhu, uNasreddine Nabi angase ahambe uma kusongwa le sizini, uthe: "Abantu bahlale bekhuluma, kakukho esingakwenza ngalokho.

"Okufanele sikwenze wukukhombisa umqeqeshi ukuthi sizinikele emsebenzini wethu. Kufanele senze isiqiniseko sokuthi lo mdlalo esiya kuwona sisebenza ngokuzikhandla ukuze siwunqobe ngoba ngeke kube lula," esho.