Izindaba | 03

Friday, 23 May 2025

Ukhala ngobuxoki okamaskandi ochitha eyokubuyela emculweni


Uthi okwamanje ugxile kwezokuthutha nokunakekela imfuyo yakhe, neyakwabo

Image

NGUDLUBHEKE othi akakaziboni ebuyela emculweni ngoba akafuni ukuxabana nabantu kulo mkhakha.

Mthobisi Sithole

UKHALE ngobuxoki babanye abaculi uBukelani "Dlubheke" Khuzwayo, okhalise abathandi bomculo bakamaskandi ngokunyamalala kwakhe lulo mkhakha. 

Abaningi sebehluleke bancama bemncenga ukuba abuye kwezomculo ngenxa yokwazi ubugagu bakhe. Lo mculi odabuka eQhudeni, eNquthu, uthi kule minyaka akaziboni ebuyela emculweni.

Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi akasawuthandi umculo ngoba kawusafani nakuqala.

"Umculo usujikile kakhulu uma uzowuqhathanisa naseminyakeni edlule. Kangisafuni ukuhleka ubala esteji, ngincenga abantu ukuba bangithande.

"Phela uma uyiciko, kumele uhleke nento engahlekisi ukuze abantu bakuthande," esho.


Uthi akafungi ukuthi ngeke esabuyela kwezomculo, kodwa okwamanje kusekude kakhulu naye.
Uveze ukuthi okukhinyabeza uthando lomculo wukuthi buningi ubuxoki obenziwa ngamanye amaciko, ehlangene nabantu abahlela imicimbi.

Uqhube ngokuthi kuyenzeka abanye abaculi bakukhulume kabi kubahleli bemicimbi, bese uvaleleka.

"Kangifuni ukuzonda abantu ngenxa yomculo, kungcono impilo ngiyizame ngezinye izindlela," kusho uDlubheke.


"Abantu bahlulekile wukungenzela iqiniso emculweni."


Uthi okwamanje ugxile kwezokuthutha nasekunakekeleni imfuyo yakhe, neyakubo. 

Utshele
ILANGA Lempelasonto ukuthi ziningi izindlela zokuziphilisa uma kuwukuthi kwezomculo akuhambi kahle.

"Abantu bahlulekile wukungenzela iqiniso emculweni. Emculweni uyacindezeleka kuze kuphele uthando. Ikhono lomculo lifuna ukwesekwa wuthando kumculi, nothando oluvela ebantwini. Uma-ke abantu bengalenzi iqiniso ngenxa yokuthi bafunzwa izinkulumo ngabaculi abathile, kuyalimaza lokho," esho.

Image

NGUMGQUMENI (ongasekho) owaba nesandla ekuvuthweni kukaDlubheke emculweni kamaskandi.

UDlubheke waqala umculo eminyakeni edlule esafunda isikole. Ungene kulo mkhakha elekelelwa nguKwakhe "Mgqumeni " Mseleku, iBhova LikaDikadika (ongasekho).

Ukushona kukaMgqumeni ngo-2009, kwatshala ungabazane ebantwini ukuthi kazi uDlubheke uzokwazi yini ukuzimela.

Lo mculi uhlonishwa kakhulu ngokudlala intambo esezingeni eliphezulu, nokucula ngephimbo elicwengekile uma kuculwa bukhoma emicimbini emikhulu kamaskandi.

mthobisis@ilanganews.co.za