Izindaba | 05
Friday, 23 May 2025
NGUMSOLWA uKhumbulani Ngubane ngesikhathi evele eNkantolo yeMantshi yasePinetown, izolo ngoLwesine.
ISITHOMBE NGU:JOHN HLONGWA
Mthokobisi Sithole
UPHIKE amanye amacala awagqigqayo enkantolo uMnu Khumbulani "Vovo" Ngubane (28), osolwa ngokudlwengula abafundi baseBizimali High School, eNkandla.
Lokhu kuvele izolo ngoLwesine ngesikhathi ebingelela okokuqala iNkantolo yeMantshi ePinetown, eThekwini, ngemuva kokushaqwa ngamaphoyisa, ebhace enyangeni.
UNgubane ubevele enkantolo ngecala abhekene nalo lokweqa ezitokisini ngoMsombuluko. Utshele inkantolo ukuthi akaze aboshwe futhi kalikho icala ake wavulelwa lona ngaphambilini, ngaphandle kwaleli abekade efunelwa lona lokunukubeza abafundi.
Imantshi imbuze ukuthi uzozimela yini noma uzodinga ummeli wamahhala, wathi uzomsiza umndeni wakhe, uzomkhokhela ummeli ozimele kodwa okwamanje uzocela ukwelekelelwa ngowamahhala.
Icala lakhe libe selihlehliselwa umhla ka-28 kwephezulu ukuze afake isicelo sebheyili. Ngesikhathi ephuma enkantolo, eboshwe ngozankosi, uhanjiswe esiteshini samaphoyisa eDurban North.
Kuvezwe ukuthi amaphoyisa aseKhombe, eNkandla, azomlanda khona ayobhekana namacala okudlwengula avulelelwe wona eNkandla.
Icala abevele ngalo eNkantolo yeMantshi ePinetown, ngelokweqa esiteshini eMariannhill, 'ezandleni zamaphoyisa' kanti amacala amaningi akhe okudlwengula, avulwe esiteshini saseKhombe.
NGUMSOLWA ngemuva kokubanjwa wosomatekisi baseNkandla, ngaphambi kokuphunyula, abaleke 'ezandleni zamaphoyisa'.
Izinsolo abhekene nazo uNgubane ziphazamise ukufunda nokufundisa eBizimali High. Bathathu abafundi okusolwa ukuthi wabadlwengula kuyona le nyanga.
Ubanjwe izolo ngoLwesine ehostela eDalton, eThekwini, okusolwa ukuthi ubekade esenyangeni, eyofuna amakhathakhatha ngemuva kokweqa esitokisini. Inyanga kuthiwa ibisimgcine izinsuku ezimbili.
Kuvela ukuthi inyanga ithinte omunye wosomatekisi eyazana naye, osebenza kwiBhekisizwe Taxi Association, yamluma indlebe ngokugcina kwayo umsolwa.
ILANGA Lempelasonto lithole ukuthi kube sekuthintwa amaphoyisa, amshaqa. Kulindeleke ukuba maduzane avele eNkantolo yeMantshi yaseNkandla.
mthobisis@ilanganews.co.za