09 | Izindaba

Friday, 23 January 2026

Bavale isikole bekhala ngezindlu zangasese


Induna isola indaba yamathenda ekubambezelekeni kokwakhiwa kwazo

Image

BEKULENGA ingide eKufezekile High ngenxa yokungabikhona kwezindlu zangasese.

Phumlani Gama

BADINWE bavala isikole abazali nabafundi baseKufezekile High School, eNkundusi, eMtubatuba, bekhala ngokungabikhona kwezindlu zangasese, abathi sekuphele iminyaka zingekho.

Kusukela ngoMsombuluko, bekulenga ingidi esangweni lalesi sikole.

Amalungu omphakathi athi ngeke kuqhubeke ukufunda kulesi sikole ingakaxazululwa le nkinga, athi yaqala ukuba ngo-2015.

Ikhansela lendawo, uMnu Siyabonga Mkhumbuzi, lingomunye wabaholi bomphakathi abakhulume neLANGA Lempelasonto bezwakalisa ukungaphatheki kahle ngenkinga ebhekene nalesi sikole.

"Izingane ziphoqeleka ukuziyozikhulula emahlathini aseduze kwesikole. Kwesinye isikhathi zibuye zingene emizini yabantu abangomakhelwane besikole.

"Abanye abantu bayazikhiya izindlu zangasese emizini yabo, ngoba bengafuni ukuthi kungene abafundi," kusho uMkhumbuzi.

Image

Induna yendawo, uMnu Phila Mantengu, ithe ibikelwe ngalolu daba, yathi kayihambisani nokuvalwa kwesikole, kwazise kuzophazamiseka abafundi.

Ithe kufanele kubanjiswane kulolu daba, yathi udaba lokwakhiwa kwezindlu zangasese ezikoleni kaludingi ukuthi kungaze kuvalwe isikole.

"Isikole ngesomphakathi, kufanele ubikelwe ngakho konke okwenzeka kusona. Abanye babo laba abavala isikole, bakwenza lokhu ngoba bezifunela imali yamathenda. Ngikholwa wukuthi yiyona into eyenza kube nokubambezeleka kokwakhiwa kwezindlu zangasese kulesi sikole," kusho uMantengu.

Imizamo ye
LANGA Lempelasonto yokuthola uhlangothi loMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal kulolu daba, iphunzile. Ucingo lukaMnu Muzi Mahlambi owukhulumelayo, belukhala lungabanjwa.