03 | Izindaba

Friday, 23 January 2026

Image

ISILO uMisuzulu kaZwelithini ngesikhathi sethula inkulumo esikhumbuzweni seMpi yaseSandlwana izolo ngoLwesine, eNquthu.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA

ISilo sithi mabahambe abokufika abakuleli ngokungemthetho


Sibasole ngokuxhaphaza inkululeko yaseNingizimu Afrika

Phumlani Gama

SIKHWELE sadilika kwabokufika - abaseNingizimu Afrika ngokungemthetho - iSilo uMisuzulu kaZwelithini, ngesikhathi kunesikhumbuzo seMpi yaseSandlwana izolo ngoLwesine, eNquthu.

ISilo size sabalula "indelelo" ekhonjiswe ngabokufika ngesikhathi bebhekene ngeziqu zamehlo nabakuleli, kubangwa izikhala zabafundi e-Addington Primary School, ePhoyinti, eThekwini ngesonto eledlule.

Size salibeka ngembaba, sisebenzisa igama abamalungelo abathi liyalumela, futhi linokucwasa, sathi, ‘mawahambe amakwerekwere', sathi uma laba bokufika benezingane "nodadewethu, abazishiye, kodwa bona mabahambe". 

Le nkulumo yeMbube yelama esiyethule ngabo abokufika ngesikhathi sihlangene noNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnu Sboniso Duma, ngoLwesibili, esiGodlweni eMashobeni, oPhongolo. Sisole abantu bokufika eNingizimu Afrika, abazinze KwaZulu-Natal ngokuba nendelelo.

IMbube beyethula inkulumo yokwamukela uDuma, obeyokwethula izinhlelo zokwakhiwa kwemigwaqo nezindlu KwaZulu-Natal.

 Ngaphambi kokuba kukhulume iSilo, kuqale yena uDuma obehambisana nezikhulu zomnyango awuholayo, neziphathimandla zakwaSanral.

Image

ISILO sinoMnu Sboniso Duma ongungqongqoshe wezokuthutha, nezinye izikhulu zikahulumeni.
ISITHOMBE: SITHUNYELWE

ISilo sithe kuyakhathaza ukuthi kunabantu bokufika abayisebenzisa budlabha inkululeko yaseNingizimu-Afrika.

"Akukuhle lokhu esikubona kwenziwa ngabantu bokuhamba KwaZulu-Natal. Bonke abantu banamakubo.

"Bona basengathatha izinto zabo bahambe kusasa, kodwa thina siphelele lapha. Ngalokho-ke, ngicela ukuninika udolo-qina maZulu.

"Bangakhuluma abakuthandayo, bavele kuzona zonke izinkundla zokuxhumana, kodwa ngiyasho ngithi ngeke bakwenze lapha. Bangakwenza kwezinye izifundazwe, kodwa hhayi lapha KwaZulu," kusho iSilo.