13 | Izindaba

Friday, 23 January 2026

Ishaye Izule:                   Zandile Tembe
Image

I-Haval ingihlabe umxhwele ngokubeka ukuphepha phambili

Iyabambelela nasemajikeni

UKUPHEPHA nokuqikelela ukugwemeka kwengozi, yikho okuzothatha abashayeli abaningi ngeHaval H6 4WD.

Ingozi edlule nemiphefumulo yabafundi eVanderbijlpark, eGauteng, ngeledlule, iwuphazamisile umoya wami, futhi ingenye yezinto ezisikhumbuzile njengabasebenzisi bomgwaqo nesizwe sonke saseNingizimu Afrika mayelana nokubaluleka kokuphepha emigwaqweni.

Yebo, izingozi ziyenzeka, kodwa akukho okudlula ukuba neso, siqaphele emigwaqweni, sikhumbule nokuhlonipha imithetho yomgwaqo.

Image

Uma uyibonile indlela eyenzeke ngayo le ngozi - emuva kokusatshalaliswa kwe-video ye-dashcam ye-truck eshayisane netekisi elithutha abantwana besikole - kuyabonakala ukuthi yingozi ebingagwemeka, ukuba umshayeli wetekisi uthobele umthetho, wasebenzisa nesineke emgwaqweni.

Njengengosi, sikhala nemindeni elahlekelwe, nabo bonke abathintekile, njengoba nabebesemgwaqweni - abazibonele bukhoma le nhlekelele - bethikamezekile.

Kuleli sonto sizobheka imoto ewumkhiqizo wakwa-GWM, i-Haval H6 4WD.

Lena ngenye yezimoto engizibeka phambili kweziqhakambise, zabeka phambili ukuphepha.

Image

Sithole ithuba elengeziwe kunelijwayelekile lokushayela i-Haval H6 4WD, ngesikhathi samaholide, esidonse kwaze kwaqala isikhathi sokuvulwa kwezikole, okube yithuba eliyingqayizele ekukwazini ukuyihlaziya ngokugcwele.

I-Haval H6 ingihlabe umxhwele ngokubeka phambili ukuphepha, ngezinhlaka ezahlukene.

Ezinye zazo zingakuthusa lapho ushayela, kodwa ziyakusindisa engozini.  Singabala i- Autonomous Emergency Braking (AEB), lapho imoto izibhrekela khona uma isola ingozi, okungaba wukusondela mawala emotweni ephambi kwakho, noma lapho izinsiza-zinzwa (sensors) zizwa kukhona okusondela mawala emotweni yakho - okungaba ngumutu ogijimayo, noma ngabashayeli bamabhayisikili.

Lokhu ukuthola kwi-Advanced Driver-Assistance Systems (ADAS), esiza umshayeli ngokuthe xaxa emgwaqweni.

Okunye okutholayo, okubizwa nge-Adaptive Cruise Control (ACC), kukusiza ulawule isivinini, i-Traffic Jam Assist esiza lapho kunesiminyaminya, iLane Keep Assist (LKA), eqinisekisa ukuthi imoto ihleli emzileni ofanele - uzwa ngemisindo ekubuyisela emzileni.

Image

Ngikuthokozelile ukuvuleka kwayo - okulindelekile vele ohlotsheni lwemoto eyiSUV - nebhuthi ewu-560 litre, kanti iba wu-1 485 litres uma ulalisa izihlalo zangemuva - uma udinga ukufaka impahla ethe xaxa.

Imodeli ye-H6 4WD ikunika ukushayela okuthe thuthu ngendlela ebambelela ngayo, nokunethezeka kanti inama-airbag awu-7.

Iyabambelela nasemajikeni, ngiyizwe kahle ngilibangise eShowe, nangesikhathi ngiyongcebeleka nabangani maphakathi neKwaZulu-Natal, eBalgowan, eNottingham Road, nasezintabeni zoKhahlamba.

Izilungele nezindlela ezingaphandle kwetiyela, ikakhulukazi ngoba izulu belina mawala, kunodaka namanzi amaningi.

Lokhu kuqinisekise abakushoyo ngokusebenza kuka-155kW namandla awu-325 Nm, edonsa ngawo.

Akuyona imoto egabe ngesivinini, ngoba nakuba iphusha, kayinawo amandla atheni kanti iza nayo yonke imixhantela yezobuchwepheshe.

Ixhuma nge-bluetooth zonke izinhlobo zomakhalekhukhwini. Isho ngobhazabhaza wesi-screen osisebenzisa ngokusithinta (touchscreen).

Image

Inekhamera ekhombisa wonke amacala ngaphandle (360 camera), ekusiza nalapho upaka.

Kuthatha isikhathi nokho ukufundana nemixhantela yezobuchwepheshe kuyo, ngoba miningi kakhulu. Ikwenza ukhohlwe nokuthi yimoto ekupheleni kosuku.

I-H6 inenjini ewu-2.0L we-turbo, kanti isebenzisa uphethiloli odla u-8.3 litre ngo-100km. Iyawudla nokho uphethiloli uma ungumuntu ohlale esemgwaqweni.

Inani layo lusukela ku-R574 500 ohlotsheni lweLuxuxy 4WD, kunyuke kuye ku-R665 950 kumamodeli angaphezulu.