10 | Ezikaqedisizungu

Friday, 23 January 2026

Woza Nazo Mzala!


Upepereza kakhulu uNota Baloyi


Image

UNOTA Baloyi (osesithombeni esingenhla), akelusanga.  Yingakho kulula ukuvula umlobo ahheme nje. Le nsizwa njalo ihlezi isemlilweni ngoba kuyayehlula ukuvala imbobo yophuthu.

Sekusele kancane uMzala ayinike iphinifa layo ngoba ithe shi, kwezabesifazane. Muva nje ibixolisa ngemuva kokudelela umculi, uThatohatsi (
osesithombeni esingezansi).

Image

Emasontweni adlule le ntokazi yaveza ukuthi inkulumo kaNota noSfiso Ndlovu kwiPiano Pulse Podcast, yayilimaza kangakanani, lapho ayekhuluma khona ngomzimba wale ntokazi.

Zombili lezi zinsizwa zikhiphe isixoliso ngemuva kokuvungama kwezinkundla zokuxhumana, zikhala ngamazwi alumelayo asetshenziswa kule podcast.

Masethembe ukuthi bazofunda isifundo, kungenjalo sibanika amaphinifa sizinsizwa zaKwaZulu.


"Ziyafana zonke izinkokheli zethu"


Image

KUVUKA ingoma kaMandisi Dyantyis ethi, 'Ziyafana zonke inkokheli zethu, zingamamenemene'.

Phela uCyril Ramaphosa (
osesithombeni esingenhla), uma ekwazi ukwenyusa amaholo ezikhulu zikahulumeni namalungu ePhalamende nezishayamthetho, ekubeni umphakathi uhlupheka, utshengisa ukungasicabangeli.
Phela imali yabakhokhi bentela le.

Ipolitiki iwumdlalo! Ongqongqoshe bazohola izigidi ngonyaka. Ngokwenzani kwabo? UMzala akeneme ngempela ngesinqumo sikaCupcake.

Okusho ukuthi solokhu sikhala ngentela kepha kukhona abenyukelwa ngamaholo laphaya ePhalamende, beshaya ngemkhaba yezinkinsela.


Achazekile amadoda ngoKoki weBig Brother!


Image

AMADODA kawazazi ukuthi afunani.
Uma abesifazane begqoke ngendlela ethandwa yibo la ngaphandle, bakhalisa okwama-ambulance, bathi kuphelile ukuzihlonipha kwabesifazane.

Abanye baze bathi abesifazane kabadalelwe amabhulukwe, ngisho bejima kumele bagqoke okwembozayo.

Ngimangele ezinkundleni zokuxhumana amathe econsela uKoki weBig Brother, lo ongakuthandisisi ukugqoka (
osesithombeni esingenhla).

He..he..he nizalwa ngobani nina, hhe? UMzala ngeke amangale uma leya ngane iwina kulo mncintiswano, phela siwazi kahle ukuthi umqondo wamadoda usebenza kanjani.

Kulungile-ke asinahluleli, qhubekani niphe amehlo ukudla kwawo, nisabawele.