21 | Ezemidlalo

Friday, 22 May 2026

Image

NGU-LUKE Baartman.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Ubalisa ngobunzima abufice kwiChiefs


Uthi bazogadla ngawo wonke amathuluzi abanawo koweChippa ngoMgqibelo eThekwini

Senzo Sokhela

UBABAZA ubunzima ahlangabezane nabo kwiKaizer Chiefs umdlali wale kilabhu ofike kubhekwe lukhulu kuyena.

IChiefs izobhekana neChippa United kowokusonga iBetway Premiership ngoMgqibelo ngo-15h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekiwni.

ULuke Baartman ujoyine iChiefs ekuqaleni kwesizini emuva komdonsiswano omude, obuphakathi kweCape Town Spurs abedlala kuyona phambilini, neziMpofana.

ISpurs ibithi usanenkontileka nayo, yize ibisigengcwe yizembe yaya esigabeni sama-amesha, iChiefs ithi leyo nkontileka ifana nento engasekho njengoba iSpurs isiyodlala kuma-amesha.

Image

Icala lavuna iChiefs, lo mdlali wagcina esayina ngokugcwele nayo. Nokho selokhu efikile udonsa kanzima ukuthola ijezi.

Ekhuluma nabezindaba, ubabaze ubunzima abufice kwiChiefs.

"Ngifika, bengizitshela ukuthi ithuba lokudlala ngizolithola, kodwa izinto zinzima kimina. Umbango wejezi ushube ngendlela emangalisayo kunalapho engisuka khona, lapho ebengidlala khona njalo.

"Kodwa okufanele ngiqhubeke nokukwenza, wukusebenza kanzima ejimini ukuze abaqeqeshi bezongiqoka,'' kusho uBaartman.

Uthi umdlalo weChippa akufanele bawuthathe kalula ngoba uzoba nzima.

"IChippa isendaweni eyingozi kwi-log, silindele ukuthi ize nalo lonke uhlobo lwethuluzi ukuze isinqobe.

"Siyakuqonda ukuthi sesiyitholile indawo yesithathu ebesiyifuna, kodwa nala maphuzu angoMgqibelo siwafuna ephelele.

"Okubi nje wukuthi kasibazi ukuthi beza nani, kodwa sizokwenza konke okusemandleni ukuyisonga kahle isizini,'' kusho uBaartman.

Wina! Wina! Wina!

ILANGA libambisene neKaizer Chiefs, baphisana ngamathikithi ahamba ngamabili kubafundi abawu-20 abanenhlanhla, okubuka umdlalo weziMpofana neChippa United wokusonga iBetway Premiership ozokuba ngoMgqibelo ngo-15h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Ukuzibeka ethubeni, ungaphendula le mibuzo elula:
1.Yasungulwa ngamuphi unyaka iKaizer Chiefs?
2. Igcine ngamuphi unyaka iChiefs ukunqoba isicoco seligi?
Uma uzazi izimpendulo, ungashayela ku: 073 931 4337 ngoLwesihlanu ngo-14h00 kuya ku-14h15.
Niyacelwa ukuba ningashayi ngaphambi nangemuva kwesikhathi esibekiwe.
Abawinile amathikithi bazowalanda emahhovisi eLANGA eWaterfront, ngaseShaka Marine World.