15 | Izindaba

Friday, 22 May 2026

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi: Umbhikisho wabantu bokufika enkabeni yeTheku, abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:

Image

01


Xolani Mkhize:
Akekho umuntu ongenalo ikubo bakwethu. Uma bebona sengathi siyabahlukumeza, abagoduki ngani?

02


Khosi MakaLand Ngubane:

Babalekele udlame? Selukhona-ke nalana, mababaleke futhi.

03


Sissy Khumalo:

Mabagoduke, kanti bashiya bebulalile yini emakubo?
Yi-ANC yonke le. Kunjena nje, yingoba uhulumeni wethu kawunandaba nabantu baseSouth Afrika.

04


Nkosinathi Mthembu:

Ngomhla ka-30 June kuyoqopheka umlando.

05


Lucky Lucky:

Amaphoyisa nabakwaHome Affairs mabagasele khona lapho, uyobafuna amaphepha okuba kuleli besahlangene nje. Umsebenzi sewulula manje ngoba bandawonye.

06


Bongekile Nonzuzo Nkosi:

Why bengacelanga ukuvikelwa emazweni abo anodlame, bese bezocela la eSA ukuthi bavikelwe?

07


Jabulani Mngadi:

Kwakhona ukulala kule ndawo kusewukudelela. ITheku nathi esingumsinsi wala, siyazi ukuthi lakhiwe endaweni engaphansi kwabantu bakwaNgcobo (iNkosi uNgcobo ephethe). Kusamele amakhosi awu-2 angomakhelwane beTheku, asitshele siyisizwe ukuthi masenzenjani ngalaba bantu.

08


Vuyiswa Phindile Lokothwayo:

Wasting time, engabe bayaqoqa bayahamba, singaze sifike sizovikela amaphoyisa ethu siwumphakathi.

09


Nokulunga Thusi:

Engabe bacela uhulumeni ubasize nge-transport yokuthi bagoduke.

10


Slindile Snegugu Sibiya:

Awubaphinde futhi u-SAPS, ubaqhube ngento yakhona.😂

11


Thando C Znoh Hlangu:

Akumagwala gooo, kodwa kwi-social media wooooh.😂

12


Thabiso Xulu:

Bebehlalaphi all along?
Yeyi ave beyisa laba bantu yoooooh!
Sebeya-actor manje, bangama-victim.

13


Sinelungelo Nqubeko Agapé Memela:

Kanti ngempela yini le asebeyisaba kangaka?
Am I missing something?

14


Sbonelo Manyawo Bayana:

Bayedelela nkosiyami, babengakwenzi ngani lokhu emazweni abo uma bazi ukuthi emaphoyiseni yindawo yokucasha?
Ingani nasemakubo akhona amaphoyisa?

15


Mfanelo INdlondlo KaNdlovu:

If ubona isiqashi sakho la, sicela usiqoqele umthwalo waso uwubeke ngaphandle.

Akasayidingi indawo yakho, it's not safe for them. Thola ama-tenants amasha. If ubona umakhelwane wakho la onomjondolo, thatha lowo mjondolo, akasawufuni.

16


Sgananda Shezi:

Babesitshelile yini ngesikhathi beqa imingcele beza lana?

17


Thanda Khanyile:

Nabaphathi bezwe banomthelela ngoba cishe bonke emizini yabo basetshenzelwa yibona abantu bokufika.🤞

Isikhulu sepolitiki 🚮 ngeke sasiza ngalutho kulolu daba.

18


Futhie Mhlongo:

Akekho umuntu ongenakhaya ekugcineni.

19


Thandekile Nokubonga Nokubonga:

Yaqala yagqilaza, nisazosuka kwalapho.

20


Phumzile Winnie:

Cha senidelela okwangempela-ke manje. Aniphephile, anifuni ukumuka, futhi kanti ni-special ngani kangaka?

21


Snqobile Mpungose:

Ngendlela engingazwani ngayo nesicefe nesphithiphithi, ngabe kade ngaqoqa amasaka ami ngahamba.

22


Thobe Mbovu:

Sebeke babhekwa nje ukuthi amaphepha abo akwesiphi isimo? Sebezilethile moss, noma nawo amaphoyisa ayabenqena  noma kuba ngcono uma elokhu ebheka umuntu ngamunye.