12 | Ezempilo
Friday, 22 May 2026
Menzi Jele
I-World Health Organization (WHO), ikhuthaza abantu ukuba baye koxilogwa okungenani kane (4) ngonyaka. Ukwenza i-check-up, noma ukuxilongwa, kusiza ekutheni kusheshe kutholakale izifo ezicashile emzimbeni.
Isifo sikashukela (diabetes), sihlonzwa njengesifo esicasha isikhathi eside emzimbeni, umuntu engazi ukuthi unaso, uma sesivela kutholakale ukuthi sesidale umonakalo omkhulu, yikho kubanabantu abagcina sebenqunywe imilenze.
I-scan, okuwuhlobo lomshini odokotela nasezibhedlela abakusebenzisayo, siyashesha ukuhlonza isifo esikhona emzimbeni.
Abanye abantu basukuma, baye kodokotela uma sebenzwa izibhobo (sharp pains) emzimbeni, kanti zisuke zibika ukuthi kunohlobo oluthile lomdlavuza, olukhona emzimbeni. Kwabesifazane, umdlavuza wesibeletho, uyacasha kanti uyisifo esiyingozi, nesesibulale abantu abaningi.
UMA UBESENGOZINI YEMOTO
Kunabantu ababasengozini yemoto, bazitshele ukuthi "baphume benganamyocu' ngoba bengazange bophe (bleeding). Lokhu kuyingozi, ngoba uzothola ukuthi lowo muntu, wophela ngaphakathi, emzimbeni.
Uma engaya koxilongwa, kuzotholakala ukuthi kunehlule, elihamba kancane ngaphakathi emzimbeni. Leli hlule, lingahamba, lize liyovimba ukusebenza kwemithambo yenhliziyo.
KUXILONGWA ABANJANI?
Noma ngubani angaya koxilongwa, kusukela enganeni ezelwe, kuye kwasebekhulile ngeminyaka. Kugqugquzelwa kakhulu ukuxilongwa, kwabaneminyaka esuka ku-55, kuyaphezulu, ngoba izicubu zabo zomzimba seziyaguga.
Uma sekutholakele ukuthi unesifo esithile esicashile emzimbeni, odokotela nabezempilo, bangaqala bakunike amakhambi okusinqanda ukuthi singabhebhetheki.
Bangakweluleka ngendlela okufanele uphile ngayo, ukudla okufanele ugxile kukho, nokufanele ukugweme. Izifo ezingamahlalakhona (chronics illnesses), ziyalawuleka uma umuntu onazo ekhuthalele ukuxilongwa.
NgokweWHO, ukuphuza amanzi, ukudla okunomsoco nezakhamzimba, ukugwema izidakamizwa nocansi olungavikelekile, kungayihlenga impilo yakho.
I-WHO, ikhuthaza ukuzivocavoca, ukuzimbandakanya nezemidlalo, nokugwema ukhwantalala nengcindezi, njengezinto ezingenza uphile isikhathi eside.
IZINTO OKUFANELE UZILINDELE UMA UXILONGWA
✏️ Ukubhekwa kwesisindo sakho.
✏️ Kubhekwa indlela ophefumula ngayo.
✏️ Kubhekwa ukushaya kwenhliziyo.
✏️ Kuhlolwe umfutho wegazi.
✏️ Kuhlolwa umbala womchamo.
✏️ Kuhlolwa umbala wemehlo, ngoba kungenzeka kube nongwengwezi (membrane), olungagcina seluphazamise ukusebenza kwamehlo.
✏️ Udokotela angakubuza ngomlando wempilo yakho, njengokuthi, yiziphi izifo ebezijwayele ukukuphatha usakhula, noma ebuncaneni bakho.
💉 Olunye ulwazi lucashunwe kwi: WHO JOURNAL.
menzi.jele@ilanganews.co.za