10 | Ezikaqedisizungu

Friday, 22 May 2025

 Woza Nazo Mzala!

Hlala phansi ubambe umthetho ntombo...

Image

UDUDUZILE Sambudla-Zuma unabo ubuhlongandlebe obuncane. Tshelani mina, ngitshele abanye ukuthi yini le eyenza abe wuskhwili phambana nobhoko kuMkhonto Wesizwe Party (MKP)?

UNhlamulo Ndlela uyaxoshwa eqenjini, yena umatasa ubhala imiyalezo yokuthi le nsizwa yenziwe imvu yomhlatshelo. Iyinkinga lento yokucabanga ukuthi ngoba nakhu into yasungulwa kini, bese ucabanga ukuthi uzokwenza umathanda.

Phela ubaba wakho uMnu Jacob Zuma, kwakudala wayepheka ethulula esengumengameli waseMzansi. Akukho ngempela okushaqisayo kulokhu okwenzeka kubhululu wakho, uNhlamulo. Hlala phansi ubambe umthetho ntombo.

Kuyakhalwa bo ngawe kwezothando...

Image

YEYI umuntu ungambuka umethembe kanti yeyi! ULetoya Makhene ngangithi siyamsukela isithandwa sakhe sakudala uLebo Keswa, simqambela amanga kanti weeeeh uyazihluphela.

Ngibambe ongezansi ngesikhathi isoka lakhe elisha likhala ngendlela aziphethe ngayo. Kodwa-ke banenkinga abantu abajola nale ntokazi ngoba uma sekuhlukenwe, bavele baye kuma-podcast, bayothulula yonke into.

Into engichazayo ngo-girl ukuthi uyazivumela naye ukuthi uhlobo lwabantu athandana nabo bayinkinga. Mmmmm kodwa uMzala uzoyithini le ndaba yakho.

Kuhle ukuqale nizwe iqiniso bese nithatha izinhlangothi...

Image

OSAZIWAYO abantu ongeke ubaqonde, lokhu kubonakale ngodaba lukamlingisi uBonko Khoza noNirvana Nokwe-Mseleku.

Udaba lokunukubezwa luyinto ebucayi, engadingi ukuthi uthathe amasayidi ungakalazi iqiniso. Kodwa uMzala akubone kwenziwa ngosaziyo, kumshiye ekhexile. Nakuba iqiniso belingakaveli, kepha bese bebambe ngesandla umfoka Khoza, bethi banaye ngemikhuleko nakuba ebengakaze aphawule lutho ngalolu daba.

Sengizibuzela nje, ukube uBonko ubenecala njengoba besenikhulume kangaka, benizothini? Kwesinye isikhathi kuhle ukuthula ezintweni ezibucayi ngale ndlela.