08 | Izindaba

Friday, 22 May 2026

Image

NGABALINGISI bomdlalo weshashalazi iBigly Yuge, ozokhonjiswa ePlayhouse, eThekwini. Kusuka kwesobunxele nguXD Black Dlamini, uNqophamlando Nombela noBhekani Shabalala.

Uzoqhakambisa nezingqinamba zabesilisa abondlekile umdlalo weshashalazi ePlayhouse


Baqoke ukukhuthaza abantu nangokuba 'yimiqemane' ngendlela enamahlaya phakathi


Lucky Cain

UZOQHAKAMBISA izingqinamba ezihlangabezana nabesilisa abondlekile ngomzimba umdlalo wamahlaya weshashalazi obizwa ngeBigly Yuge, ogabe ngabalingisi abanohlonze, asebezakhele igama nakumabonakude.

Lo mdlalo udidiyelwe yinkakha yomlingisi, nayo esizakhele igama kumabonakude nakumafilimu, uTony Kgoroge.

Ugabe ngabalingisi abadlala phambili okubalwa kubona uNqophamlando Nombela obegqame kwiMbewu The Seed, uBhekani Shabalala obedlala kwiSibongile And The Dlaminis, noXD Black Dlamini, odlala kwiHomecoming. 

Uzokhonjiswa eThe Playhouse, eThekwini, ngomhla ka-29 no-30 kwephezulu.

Echaza ngalo mdlalo uNombela obonakala nasemdlalweni Amalanga Awafani, uthe usube khona kusukela ngo-2019, njalo uma bewukhombisa, umphakathi uvamise ukuwuthakasela kakhulu.

"Lo mdlalo sawuqala khona eThe Playhouse, eThekwini, njengoba abantu bewuthanda kakhulu," kusho uNombela.

Uthe lo mdlalo ukhuluma ngabesilisa abondlekile, nangezingqinamba abahlangabezana nazo, nokukhuthaza ukuphila impilo ehlelekile, babe  yimiqemane, nokungazenyezi.

"Kuningi abesilisa abondlekile abahlangabezana nakho, kusukela ekubeni yinhlekisa, kuya esimeni sempilo nokunye.

"Ngalo mdlalo siqhakambisa konke lokhu ngendlela enamahlaya, kodwa ekhuthazayo ukuze abantu bawuthokozele," kusho uNombela.

Image

UNombela uveze ukuthi njengoba lo mdlalo uzokhonjiswa izinsuku ezimbili, kodwa umphakathi ovulelekile uzokwazi ukuwubona ngoMgqibelo mhla ka-30 kwephezulu ngehora lesibili.
Uthe ngoLwesihlanu bazobe bevulele izikole kuphela.

"Yingakho sinxusa umphakathi ukuba usheshe uwathenge amathikithi ukuze ungazitholi uphoxeka ngosuku lomcimbi.

"Okunye wukuthi uma abantu bekhombisa isasasa nentshisekelo ngalo mdlalo, abasePlayhouse bangasivulela nangezinye izinsuku, ukhonjiswe noma isonto lonke," esho.

Amathikithi  atholakala ePick' n Pay, ikwaBoxer, naseComputickets ngo-R150.

UNombela uthe lisekhona isasasa ngemidlalo yeshashalazi, wukuthi nje kumele uhulumeni ube nezinhlelo zokuhambela izikole njengoba kwakwenzeka phambilini, okuyikhona okwakha uthando lwemidlalo yeshashalazi ebantwini.

Utshele
ILANGA Lempelasonto ukuthi uhlale ekuthokozela ukulingisa emidlalweni yeshashalazi kunekamabonakude, ngoba uzizwa evuselelekile ngalo mkhakha.