04 | Ezikaqedisizungu

Friday, 22 May 2026

Image

OwoKhozi FM ukhuthazwe ngabalaleli, waqhubeka nemfundo


Uthi ukujula kolwazi lwabo kumkhathazile, wabona kufanele aqhubeke ukuze angasileli

Mthobisi Sithole

UKHATHAZWE wukujula kolwazi oluvezwa ngabalaleli, waqhubeka nokuzithuthukisa ngokwemfundo umsakazi woKhozi FM, uNonhlanhla "Mroza" Buthelezi (osezithombeni), ngenhloso yokuthi angasileli (elwazini).

Lokhu kuvezwe yilo msakazi ngesikhathi ethweswa iMaster's Degree kwiBusiness Administration, ngoLwesithathu eRegent Business School, eThekwini.

Uthi kwezinye izikhathi uma besakaza, kuyavela ukuthi izinga lemfundo yabanye abalaleli, lingaphezulu komsakazi.

Uthi yize kuye kubizwe izazi zemikhakha uma bekhuluma ngezihloko ezithile emisakazweni, kodwa kubalulekile nakumsakazi ukuba angasileli, ngoba usakazela nezifundiswa ezifunde kakhulu.

Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi ufuna ukufunda aze afinyelele ezingeni lokugqoka ijazi lobudokotela.

"Kubalulekile ukufunda uzithuthukise ngokwekhono nolwazi, ngoba abantu esibasakazelayo bafundile.

"Uma uzithuthukisa emfundweni, nenqondo iyavuleka ezintweni eziningi, nasezimweni zokuphila ezweni.

"Uma ungafundile kahle njengomsakazi, bayakuzwa abantu obasakazelayo ukuthi uyasala endleleni kolunye ulwazi," esho.

Image

Uthi njengoba esikhathini samanje intsha ifunda kakhulu, nabo njengabasakazi kumele bafunde ukuze bayifice (intsha) ngokwezemfundo.

"Abanye babo esibasakazelayo banolwazi oluningi, bagogodile emfundweni. Ngakho-ke imfundo iyisikhali sethu okumele silwe ngaso, futhi nabanye abantu bayakhuthazeka ngoba empilweni umuntu ufunda aze afe," kusho uMroza.

Uveze ukuthi eminyakeni edlule, eseyingane, wake wezwa emsakazweni kukhulunywa ngokuthi owayengumsakazi woKhozi ngaleso sikhathi, uMandla Malakoane, ubethweswa iziqu e-University of Zululand.

"Ngangizibuza ukuthi ugqoka kanjani ijazi ekubeni esebenza kahle emsakazweni, esephumelele.

Lokhu ayekwenza kwangikhuthaza kakhulu, ngazitshela ukuthi ngolunye usuku uma sengisemsakazweni, ngiyoqhubeka ngifunde ngifane naye," esho.

Image

Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi ukhethe ukungena kulo mkhakha - ahluke kancane kwezokwaziswa komphakathi (media) - ngenxa yokuthi i-foundation yakhe, iThumumlilo, ihlobana namabhizinisi.

"Ukuvula i-foundation kuthinta ububhizinisi phakathi. Kufanele ngizithuthukise yize ingenzi inzuzo, ngoba ngisiza kakhulu intsha yasemakhaya kwezemfundo, nokuthuthukiswa kwamakhono. Ngiyinikelela nangezinsiza kufunda," esho.

Ugqugquzele intsha yasemakhaya ukuba ifunde, ingabheki ukuthi iminyaka isihambe kangakanani, ukuze ifinyelele empumelelweni.
mthobisis@ilanganews.co.za