02 | Izindaba 

Friday, 22 May 2026

Ezifingqiwe


01


IMelika ithi isaqhubeka nezinhlelo zokukhoselisa amaBhunu

Image

UMENGAMELI waseMelika, uMnu Donald Trump, uthi imali ewu-R1,66 billion izwe lakhe liyibeke eceleni, ukuze kuqhutshwe izinhlelo zokukhoselisa amaBhunu ezweni lakhe, athathwa njengababaleki (refugees).

Iphephandaba iNew York Times, licashunwe lithi, eMelika, ngamaBhunu awu-10 000, angakhoseliswa njengoba uTrump, awamema, wathi uzowafukamela, njengababaleki.

NgoLwesine, bekuphela unyaka, kwaba nomhlanga-no phakathi kukaTrump, noMengameli waseNingizimu Afrika, uMnu Cyril Ramaphosa, iMelika ikhala ngokuthi amaBhunu ayabulawa, ayahlukunyezwa, futhi ayabandlulwa kuleli zwe.

UTrump, wathi amalungelo amaBhunu anyathelwa ngezinyawo kuleli zwe.

Iningi lamaBhunu kaliyingenanga eyokufudukela eMelika, lathi yize lingenelisekile ngenqubo yezomnotho yakuleli ewashiya ngaphandle, ngeke lilifulathele leli zwe.


                  02


Image

I-South African Human Rights Commission, ithi ikhathazekile ngokwenziwa kwabokufika kuleli

INHLANGANO elwela amalungelo abantu, iSouth African Human Rights Commission (SAHRC), ithi sekwanele, futhi sekuyezwela okwenziwa ngabantu baseNingizimu Afrika,  ebantwini bokufika.

Lokhu kulandela ukuqhinqa kwabantu bokufika kuleli, abaye ezindlini zeDiakonia Council of Churches, kusukela ngoLwesibili, beyofuna ukuvikeleka ngoba bethi bayesatshiswa.


NgoLwesibili, laba bokufika batholana phezulu namaphoyisa, ayebahlakaza, njengoba baya esiteshini samaphoyisa eThekwini, bekhala ngokuthi bayahlukunyezwa, amabhizinsi abo asewile, futhi bazizwa bengavikelekile.

UNkz Nomahlubi Khwinana wakwaSAHRC, uthi abanye balaba bokufika, bavela eDemocratic Republic of Congo, lapho kunezimpi khona, okulukhuni ukuthi bangabuyela emazweni abo.


03


Uzobuyela ngoJuly enkantolo uSgt Fannie Nkosi

Image

NGUSGT Fannie Nkosi.

UZOBUYELA eNkantolo yeMantshi yasePitoli ngoJuly, uSgt Fannie Nkosi, obhekene noxhaxha lwamacala.

UNkosi, osejele ngemuva kokunqatshelwa ibheyili ngenyanga eyedlule ecaleni lokutholakala nezibhamu kungafanele, namadokodo amacala emzini wakhe, ubevele enkantolo lapho obekulindeleke ukuba afake isicelo sebheyili ecaleni lokuzama ukuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.

Imibiko iveza ukuthi leli cala lenzeka eThohoyandou, eVenda. Kuthiwa ngemuva kokuba amaphoyisa asendaweni ebophe umuntu owayetholakale nensangu, yisibhamu esingekho emthethweni neziqhumane, uNkosi wanikela esiteshini esasigcine lezi zinto. 

Kuthiwa wazenza isikhulu samaphoyisa esisuka ekomkhulu lamaphoyisa ePitoli, wathatha idokodo lalelo cala nensangu eyayishaqwe ngamaphoyisa.

NgoLwesine, bekulindeleke ukuba uNkosi afake isicelo sebheyili kulolu daba, kodwa umbuso wacela ukuthi icala liguqele umhla ka-22 kuJuly, ukuze amacala akhe ahlanganiswe.

UNkosi utshele inkantolo ukuthi usezinhlelweni zokuphonsela inselelo isinqumo sokunqatshelwa kwakhe ibheyili ecaleni lokuqala.


04


Lesule isigubhukane ikhansela le-NFP

Image

SEKUPHINDE kwasula elinye ikhansela leNFP kuMasipala waKwaNongoma.

Ukhansela uNkz Cebile Sithole (osesithombeni), uthumelele imenenja kamasipala uMnu Mpumelelo Mnguni, eyazisa ngokusula kwakhe esikhundleni sokuba yi-PR Councilor yawo.

Encwadini kaNkz Sithole, uveze ukuthi uzogcina namhlanje ngoLwesihlanu kulesi sikhundla. Akacacisanga kule ncwadi ukuthi usazoqhubeka nokuba yilungu leNFP noma cha.

Ukusula kwakhe kulandela ukusula kwamanye amakhansela aleli qembu kulo masipala, okubalwa kuwo nowayeyimeya yawo, uMnu Clifford Ndabandaba.