18 | Ezemidlalo

Friday, 22 August 2025

Isexwayiso kubadlali beStellies ngoweMTN8

Le kilabhu izimisele ngokuphinda ingene kowamanqamu walo mqhudelwano
Image

NGUMQEQESHI weStellies, uSteve Barker ebhunga nabadlali bakhe.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Senzo Sokhela

UXWAYISA abadlali bakhe ngengozi abangase babhekane nayo umqeqeshi weStellenbosch FC, uSteve Barker.

IStellies izobhekana neSekhukhune United emlenzeni wesibili weSemi final yeMTN8 ngoMgqibelo ngo-18h00 ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

Iya kulo mdlalo nje, seyilufakile unyawo olulodwa kowamanqamu njengoba inqobe ngo-2-0 emlenzeni wokuqala obungeledlule eDanie Craven Stadium, eStellenbosch.

UBarker uthi bangase babhekane nezimbila zithutha kulo mdlalo uma bezozitshela ukuthi sebengenile kowamanqamu.

"Sikulangazelele ukubhekana nale nselelo engikholwa wukuthi izoba nzima. Ngesizini edlule sikwazile ukufinyelela kowamanqamu, kanti nakulokhu sizimisele ngokuwudlala.

"Siwuqale kahle umzuliswano wokuqala wama-semi final, sakuzuza ebesikuhlosile obekuwukuhlohla amagoli, bese thina singadedeli nelilodwa ekhaya.

"Kodwa-ke umsebenzi kawuphelile, ngibatshelile abadlali bami ukuthi bangalinge bazitshele ukuthi sesiqedile, iSekhukhune iyingozi, ifomu yayo emidlalweni yeligi iyasabisa," kusho uBarker.

Image

NGUMGADLI weSekhukhune, uChibuike Ohizu ezama ukudlula kuThato Khiba weStellies emlenzeni wokuqala weSemi final yeMTN8.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

U-Eric Tinkler ololonga iSekhukhune, uthi ithawula kabakaliphonsi njengoba ekholwa wukuthi basengakwazi ukuphendula amatafula kulo mdlalo.

"Ithemba kangililahlile, sisengadlulela kowamanqamu uma sizoqhubeka nale fomu esiyitshengise emdlalweni (weligi) we-Orbit College (abayinenebule ngo-3-0 ngoLwesibili eGoli).

"Yebo, ngamakilabhu angefani, kodwa ngikholwa wukuthi uma sizowasebenzisa amathuba esizowathola, sizokwazi ukubuya kulo mdlalo," kusho uTinkler.