14 | Izindaba

Friday, 22 AugustΒ  2025

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:

Kusolwa izinkinga zothando kumfundi waseDUT ozibulele. Baphawule kanjena abafundi bethu kwiFacebook:

Image

Luphele ngezinyembezi uhambo lwasemhlabeni lomfundi waseDUT, okuthiwa uzibulale ngenxa yezinkinga zothando.

01


Bongi Indoni Yamanzi Mlaba:

EYI nxa.Β Ubengaze afe pho?
Lezi zingane nokuthatha izinto ngesinxele!

02


Kusakusa Muunuu:

FUTHI kungaba yikho ngoba cha ayasangana ama-2k. Elinye ladla amaphilisi lazikhiyela erumini sagcina silitholile, layolala eside iskhathi esibhedlela, labuya selimpofu, lizacile ngenxa yokusangana. πŸ˜‚πŸ˜‚πŸ˜‚

03


Phumlani Langa:

HHA kodwa leli bandla elincane linakho ukuthatha izinto ngamawala. Lo mfo imfundo ibizomlethela lonke uhlobo lwempilo ayifunayo kunalesi senzo sokuzibulalela uthando.

04


Nyathi Embi Ndaba:

IYONA nto abebemfundisela yona abazali, bewa bevuka naye?
Hhayi cha ama-2000 agulisa abazali, abanye bafe kungakafiki isikhathi ngenxa yemicabango yezenzo, kodwa nabo ezabo zobenzanjani.

05


Ntombifuthi T M Mthabela:

AMANGA lawo. Wu-NSFAS inkinga yomntwana. Bamnike ithemba bamjikela ekugcineni. Baningi ababhekene nale nkinga, kodwa ishayelwa phansi.

06


Zobuhle Anathi:

USENGAZE athathe impilo yakhe ngenxa yento yasemhlabeni? Bekumele akubeke eceleni lokho, abheke imfundo yakhe.

07


Bhekinhlanhla Mdletshe:

NALENTO yokubeka amathemba wonke akho kumuntu kuyakwe-nza ufune ukuzibulala uma esekuphoxa. Ukuzibulala akukaze kube yisixazululo ezinkingeni onazo.

08


Thobile Khoza:

LEZI zingane uma sizitshela ukuthi othandweni kawungeni ngenhliziyo, ungena ngomlenze nawo owodwa, kazizwa and zinothando olubi lokuzinikela kuma-partners azo, ungazi ukuthi yini inkinga ngoba basebancane phela.

09


Mbuso Nduli:

UTHANDO obese lutheni lolu...umuntu usengaze akhethe ukuzibulala. πŸ™†β€β™‚οΈπŸ˜­πŸ’”πŸ˜₯❌️

10


Sikelela Cibane:

UKUKHOLWA usamusha usinda kokuningi.

11


Nomfundo Madlala:

WAZE wayimosha impilo yakhe ngodoti.

12


Mnesh Khumalo:

KUTHIWA uthe kumayelana nomunye umuntu wesifazane
njengokusho kwephepha,Β etshela umngani.

13


Siso Hlaleleni Mfusi:

AWU bantu! Mncane njena kwezothando.

14


Nozipho Biyela:

KUNGENZEKA bamloyile or asazi bakithi.

15


Nompilo Ngubane:

EYI uthathele phezulu kodwa. πŸ’”πŸ’”πŸ’”