12 | Izindaba
Friday, 22 August 2025
Kanti nokusheshe unike usana ukudla okuqinile kunganomthelela ongemuhle...
Kunenkolelo yokuthi ingane ekhuluphele ngokweqile ibonakala isutha, ingeswele...
Makhosi Dube
NGOKOCWANINGO lwe-Health Africa, kuvela ukuthi umkhuba wokuphoqa noma wokugxisha abantwana ukudla noma sebesuthi, wandile emazweni ase-Afrika.
Luveza ukuthi abaningi bakuthatha njengendlela yokuphila engenabungozi, futhi uma ingane ikhuluphele ngokweqile, kubonakala sengathi iyasutha, kayeswele.
Kunenkolelo yokuthi abantwana abasanda kuzalwa kabasuthi uma benceliswa ubisi kuphela, okwenza abanye abazali babone isidingo sokuba basheshe baqale ukwengeza ukudla okuqinile (solids) ukuze bezosutha.
Kokunye uye ubone umntwana emfimfithiswa ugalo wenkukhu njengendlela yokumjwayeza ukudla. Abanye baba nephalishi lempuphu elihlale lilinde ukwengeza njalo emuva kokuncelisa umntwana.
Ngale kokuthi ingane isheshe yaqaliswa ukudla ingakakulungeli, abanye bagcina bemphoqa umntwana ukuthi aqede isilinganiso esithile sokudla noma bembona ukuthi akusadleki.
Abanye basebenzisa indlela yokuvala amakhala omntwana ukuze ezokhamisa, bamgxishe ukudla. Kokunye bamyeka uma sebembona ukuthi usefika esigabeni sokugonyuluka. Yize lokhu kungabukeka kungenankinga kumbe kunika umzali umuzwa wokuthi umntwana usuthi, kodwa abezempilo bashaya amakhala ngalesi senzo.
Yiziphi izinkinga ezingadalwa wukusheshe unike umntwana ukudla okuqinile?
✍🏾 Ucwaningo luveza ukuthi lokhu kungakuphazamisa ukukhula komntwana;
✍🏾 Angaba nenkinga yokugayeka kokudla, akhishwe yisisu,
✍🏾 Angakhuluphala ngokweqile,
✍🏾 Adube ukuncela, alahlekelwe yimisoco efanele njengoba ubisi lwebele lunconywa kakhulu ekukhuleni kwezingane
✍🏾 Angaba nokudla okungamphathi kahle, okumdalela ama-allergy.
✍🏾 Angaxhileka
Yimuphi umphumela wokuphoqa ingane ukuba idle noma kungasavumi?
✍🏾 Ingagcina ingasakujabuleli ukudla okuyibeka engcupheni ye-Acute malnutrition edalwa wukungadli ngendlela efanelekile;
✍🏾 Omunye umntwana kungamenza angakwazi ukuhlukanisa phakathi kokulamba nokusutha, angakwazi ukuzikalela isilinganiso esifanele isisu sakhe;
✍🏾 Umntwana angaba sengcupheni yezigulo zokungadli ngendlela njengeBulimia, i-Anorexia nezinye.
Ungaqala nini ukunika ingane ukudla?
Ngokwezempilo kukhuthazwa ukuba umntwana aqale ukuthola ukudla okuthambile emuva kwezinyanga eziwu-6. Lokho kudla kungaba yiphalishi, yithanga elitutshiwe, amazambane atutshiwe, ubanana ocutshuziwe nokunye okugayisisiwe ukuze ingane ikwazi ukukugwinya kalula.
Bayakugqugquzela nokuthi abazali babuze emitholampilo kumbe kodokotela, ukuze bezocetshiswa ngendlela ekahle nesikhathi esikahle sokwenza lokhu.