04 | Izindaba

Friday, 22 August 2025

Image

NGUSIYA Mhlongo elihlehlele inyanga ezayo icala lakhe.

LIzobuyela enkantolo ngenyanga ezayo elikaSiya Mhlongo

Thandoluhle Ngubo

LIZOBUYELA enkantolo ngomhla ka-9 wenyanga ezayo, icala lokushaya ngenhloso yokulimaza, elibhekene nalowo obengumsakazi woKhozi FM, uSiyabonga "Siya" Mhlongo.

UMhlongo ubevele ngoLwesine eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, lapho icala liguqe ngemuva kokuba ithimba labammeli bakhe, eliholwa wugalagala 
lommeli, uMnu Cyril Simphiwe Mlotshwa, litshele imantshi uMnu Mhlonipheni Sibiya, ukuthi kunesicelo abebehlela ukusifaka enkantolo, kodwa umbuso waveza ukuthi kawukulungele ukusilalela.

Kwenzeka lokhu nje, ngoLwesine bekulindeleke ukuba uhlangothi lukaMhlongo lwethule ubufakazi balo, luphinde lubize nabanye ofakazi abazolweseka.

Phambilini umbuso wethule enkantolo ubufakazi bawo, obebugabe ngobufakazi besisulu uMnu Njabulo Duma.

UDuma watshela inkantolo ukuthi uMhlongo wamshaya ngebhodlela lesiphuzo ebusweni, walimala esiphongweni, esihlathini nasemlonyeni ngezansi kancane kwekhala. Uthi uMhlongo waphi-nde wamshaya ngezibhakela esifubeni, wamklinya.

Uthi lokhu kwenzeka ngemuva kwengxabano ababa nayo, besuka endaweni yobumnandi iZai, esemgwa-qweni ongaconsi phansi kubathandi bobumnandi baseThekwini, uFlorida.

Umbuso usonge uhlangothi lwawo ngobufaka-zi bukadokotela owahlola uDuma, uDkt Thalente Lindokuhle Ngcobo, oqinisekisile ukuthi 'umgilwa' wayelimele ebusweni.

Uthi ngesikhathi emhlola, akukho okwakukhombisa ukuthi ushayiwe esifubeni, futhi waklinywa, naye uDuma akazange akubalule lokho kuye.

UMlotshwa wabuchitha ubufakazi bukaDuma, waveza ukuthi ukholwa wukuthi uDuma akasakukhumbuli okwenzeka ngenxa yokuthi wayeqisile ezinkanjeni zikaFaro ngosuku lwesigameko.


Watshela inkantolo ukuthi uMhlongo uzoveza ukuthi uDuma washayeka ngebhodlela ngephutha njengoba ayezama ukuzivikela ebantwini ababebaduna imoto.

Eqhuba, wathi uzophinda atshele inkantolo ukuthi le moto yatholakala ngemuva kwezinyanga ezimbalwa esiteshini samaphoyisa iBhekithemba, eMlazi, yize okwakuphakathi okubalwa kukho i-laptop ka-R20 000, nezibuko zika-R7 000, kungatholakalanga.

Lesi sigameko senzeke ngomhla ka-31 ku-August wonyaka owedlule.

Ukudonsa kwaleli cala kuholele ekungavuselelweni kwenkontileka kaMhlongo emsakazweni uKhozi FM.

UMlotshwa watshela inkantolo ukuthi uMhlongo uzotshela inkantolo ukuthi ukungavuselelwa kwale nkontileka kumlahlekisele ngemali elinganiselwa
ku-R1,9 million.