19 | Ezemidlalo
Friday, 21 November 2025
NGUMQEQESHI wamaZulu FC, u-Arthur Zwane.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIIX
Senzo Sokhela
UQINE idolo ngocwaningo alwenze ngezitha u-Arthur "10111" Zwane ongumqeqeshi wamaZulu FC azotholana phezulu neSiwelele FC koweBetway Premiership ngoMgqibelo ngo-15h30 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
USuthu lunyelwe yinyoni esandleni njengoba yonke imidlalo esele nonyaka luzoyidlala KwaZulu-Natal.
Seluyoze luphume ngonyaka ozayo.
NGABADLALI beSiwelele FC okubhekeke ukuba bathwalise kanzima uSuthu. Kusuka kwesobunxele nguSiviwe Magidigidi, uNeo Rapoo noGhampani Lungu.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIIX
UZwane uthi kuzofanele bawunqobe lo mdlalo ukubuyisa isithunzi sabo.
"Siphoxekile emdlalweni wethu owedlule sihlulwa yiPolokwane City, ekubeni sisekhaya.
"Wumdlalo obekungafanele silahle amaphuzu kuwona, yingakho kufanele sililungise leli phutha ngeSiwelele.
"Nayo iSiwelele kakufanele siyiyele ngobuso ngoba kayisafani nangesikhathi kuqala isizini, umqeqeshi wayo, uLehlohonolo Seema wenze umsebenzi omkhulu kabi, isiyingozi.
"Inabadlali abanjengoTebogo Potsane obekwiKaizer Chiefs, uGamphani Lungu noMagidigidi (Siviwe), abayingozi.
"Kodwa-ke ngeke silenze iphutha, kufanele siwunqobe lo mdlalo kumnyama kubomvu ngoba sifuna ukuvalela uKhisimusi ngegiya eliphezulu. Sifuna ukuya emaholidini kaKhisimusi sisendaweni ehloniphekile kwi-log," kusho uZwane.
Unxuse abathandi bakanobhutshuzwayo baKwaZulu-Natal ukungquzuka kuzona zonke izinkalo ukuyobeseka.