17 | Ezemidlalo
Friday, 21 November 2025
NGABADLALI beDowns uGrant Kekana, u-Aubrey Modiba noTeboho Mokoena.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela
SIBALISA ngendlala asebebhekane nayo iminyaka isitobha seMamelodi Sundowns okulindelwe ukuba iyiqale kahle imidlalo yesigaba samaqoqo seCaf Champions League.
IDowns izoshukana neSt Eloi Lupopo yaseDemocratic Republic of Congo (DRC) ngoMgqibelo ngo-15h00 eLucas Masterpieces Moripe Stadium, e-Atteridgeville.
Ibheke ukwenza kahle ngale sizini kwazise ngedlule ihlulwe kowamanqamu yiPyramids yase-Egypt ngo-3-2, sekuhlanganiswe yomibili imilenze.
Ihlulwa nje, yagcina ukunqoba lesi sicoco ngo-2016.
KUNEMIBIKO eshayisanayo ngokuba khona kwesilomo seLupopo, u-Amale Mukoko (okwesokudla) uma isibhekene neDowns njengoba kuvela ezithi sihlawuliswe imidlalo emibili yiCaf, kanti ikilabhu yaso ithi sizobe sikhona.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
UGrant Kekana odlala emuva kwiDowns, ubalisa ngeshobolo lokuhluleka wukunqoba okwesibili le nkomishi abahlala beyingxenye yombango wayo selokhu bayinqoba.
"Ugqozi nofuqufuqu lusekhona ngaphakathi kithina, sikulambele ngenye indlela manje ukuyinqoba okwesibili le nkomishi. Sesiside kakhulu isikhathi sigcine ukuyiqukula.
"Kodwa-ke ibanga okufanele silihambe liselide, kufanele siqale senze kahle kulesi sigaba samaqoqo.
"Ngikholwa wukuthi leli qoqo labadlali beSundowns elikhona, selenze kahle kakhulu, selishoda ngayo le nkomishi, yiyona esibulalisa ngendlala.
"Ngesizini edlule sishode kancane, kodwa kulokhu sizokwenza isiqiniseko sokuthi siyakulwela ukubuya nayo," kusho uKekana.