18 | Ezemidlalo

Friday, 21 Friday 2025

Uchaza ngobudlelwano obujulile ebhentshini lePirates

UNcikazi uncoma u-Ouaddou ngokuzithoba nokuhlonipha ezinye izinhlanga
Image

NGUMANDLA Ncikazi (okwesobunxele) oyisekela lomqeqeshi wePirates, u-Abdeslam Ouaddou (okwesokudla)

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Senzo Sokhela

UCHAZA ngobudlelwano obehlukile anabo no-Abdeslam Ouaddou ongumqeqeshi we-Orlando Pirates uMandla "Mhloli" Ncikazi ongumsizi walo mlolongi.

U-Ouaddou ujoyine iBucs ekuqaleni kwesizini, engena endaweni kaJose Riveiro waseSpain, ongazange ayelule inkontileka yakhe.

Lo mqeqeshi odabuka eMorocco, ungene njengegilavu esandleni kule kilabhu njengoba eqhubeke lapho kugcine khona uRiveiro obeyisithandwa sabalandeli beZimnyama.

Unqobise iBucs isicoco seMTN8, kanti manje ikowamanqamu weCarling Knockout ezobhekana kuwona neMarumo Gallants ngomhla ka-6 kuDecember eNew Peter Mokaba Stadium, ePolokwane.

Kuzokhumbuleka ukuthi u-Ouaddou ngesikhathi iBucs iqukula isicoco seMTN8, ubonakale eqabula uNcikazi imbungculu.

Image

NGUNCIKAZI no-Ouaddou bephahle isilomo seBucs, uRelebohile Mofokeng.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UNcikazi ephawula ngokusondelana no-Ouaddou, uthe: "Ubudlelwano enginabo naye buyazichaza. Kangivele ngiqatshulwe noma ngubani, ngiqabula abantu engisondelene nabo.

"Lokho nje kuwuphawu lobudlelwano esinabo. Engikuqaphele ngaye wukuthi uyazihlonipha ezinye izinhlanga, ukuqonda kahle ukuthi ungowase-Afrika, uyabahlonipha abantu bakhona.

"Bamubalwa abaqeqeshi abanjalo ngoba imvamisa kasethembani, sihlale sinovalo lokudliwa izithende. Yena uyazethemba, enjalo nje unobuntu. Lokho kusho lukhulu ngaye," kusho uNcikazi.

 IPirates izobhekana neChippa United emdlalweni weBetway Premiership ozokuba ngoLwesibili ngo-19h30 e-Orlando Stadium, eSoweto.

Isiyonke imidlalo yeBetway Premiership kule mpelasonto, imi kanje:-
NGOMGQIBELO
EMoses Mabhida Stadium: AmaZulu FC vs Siwelele 15:30.
EDR Molemela Stadium: Marumo Gallants vs Sekhukhune United 18:00.
NGESONTO
EMbombela Stadium: TS Galaxy vs Golden Arrows 15:30
ERichards Bay Sport Complex: Richards Bay vs Durban City 18:00.