14 | Izindaba
Friday, 21 November 2025
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi:
Isexwayiso kwiNingizimu Afrika ngama-Palestine ewakhoselisile. Baphawule kanje abafundi bethu kwiFacebook:
Njoloba Nxumalo:
IHLANGANAPHI iNingizimu Afrika 🤷♂️?
Kwalona ibhanoyi lihlale kanjani e-Airport, kwaziwa ukuthi beza nezinkinga?
Sinezinkinga eziningi kabi, simatasa neMadlanga Khomishini. Anime kancane ngamaPalestine.
Sphamandla Gumede:
Sengathi bangabhomba iPhalamende kuqala khona bezovuleka la emqondweni wabo.
Pinkie Mngwengwe:
Sothini-ke ngoba uRamaphosa ubamukele ngezandla ezimhlophe qwa?
Bonisiwe Zanele Ntsele:
Kodwa yayithathwephi le ndoda enenhliziyo embi kangaka? Ingalanda impi ile kude ezosibulalisa?
Nkosie Tunton:
Mabaxwayise uRamaphosa
ne-ANC yakhe, ngoba yibona abafukamele laba bantu.
Mnikeni Ngqulunga:
Kuyihlazo ukuthi inhlangano eyodwa ingalawula ukusebenza kwezinhlaka zomthetho eNingizimu Afrika, ibeke impilo yabantu bonke engcupheni.
Revival Nomvuselelo:
Saze sasenkingeni!
Sizohlaseleka. Ngiyibekile i-Israel, izobalandela laba bantu, bese kulimala nathi esingenacala. Yaze yasiyala i-ANC ngokusifaka ezinkingeni!
Thami Dlamini:
Lo obanike imvume yokuthi bangene la, makaphendule-ke ngalobu bungozi. 👀
Thokozani Erick Jozana:
Ubungozi lobo mabuye kuRamaphosa nethimba lakhe. Akuthina sonke esilande abantu sabaletha la. Uma kwenzeka befuna ukuhlasela, abaye ePhalamende emini, bezothola wonke umuntu. Kwathina sikhathele yilaba bantu.
Thembinkosi Sithole:
Ingabe abaholi bezwe nomengameli bona bayohlakanipha nini?
Votani, asinamona.
Nompumelelo Mamgo Mgobhozi:
Abahambe, sisekhona isikhathi.
Phakamisa Yotwana:
Thixo onofefe. Uyazi into ebuhlungu wukuthi kuzofa thina esiphansi, laba abaphezulu bazovikeleka. Singconywana futhi thina esisemakhaya, ngidabukela abasemadolobheni.
Zinhle Phiri:
Abantu abasiphethe angazi ukuthi basicabangelani ngempela?
Bona bayazi ukuthi banemali, bazobaleka beyokhosela kwamanye amazwe. Mangilungise i-passport yami, ngilungise izinto ne-ex yami yaseSwazini. Lukhulu luyeza luyanyelela.🤞
Bonginkosi Buthelezi-omb:
Kazi uphuma nini uRamaphosa kungene umuntu ocabangela izwe lakhe kuqala?
Mlambo Sfiso:
Kodwa hlobo luni lwezwe lolu? Ikhona kodwa into enjena eyake yenzeka emazweni anabaholi nomengameli?
Ngiyaye ngifise ukwazi ukuthi bathini abalandeli bakaRamapho-sa uma kunjena!
Phumelele Zungu MaNdlovu:
Nakhuya.