13 | Izindaba

Friday, 21November  2025


Ishaye Izule: 
noMthokozisi Dlomo

Ezasemgwaqweni

Ukunga-indikhethi yiyona mbangela enkulu yezingozi

Zilinganiselwa ku-2 billion izigameko zokujika nokushintsha umzila ngaphandle kwamalambu ngosuku kuleli..

Image

KULELI sonto kuthe ngisendleleni ebheke etohweni, ngacishe ngaba sengozini. Bengizihambela nje, ngidlala umculo, ngizitika nangomoya wolwandle, emgwaqweni uM4, uma udlula eLa Lucia, eThekwini.

Kuthe ngingazelele, kwasuka iveni emzileni okwesobunxele, langena kulona engihamba kuwona, ngaphandle kokushaya amalambu okuchezuka (ama-indicator).
Ngisizwe yikhona ukufela ebhrekini, nhlanhla leyo imoto ayangaphaphalaza, ishaye udonga lukakhonkolo olwehlukanisa imizila eyayo nebuyayo.

Image

Ekuhambeni kwesonto, ngibe sengiqaphela ukuthi kahle kahle wumkhuba owandile emigwaqweni ukunga-indikheythi. Lokhu kufakazela into ehlale ishiwo yizikhulu nongoti kwezemigwaqo; ukuthi izingozi eziningi zidalwa wubudedengu babashayeli.

Izwe lingachitha izindodla zemali ngemikhankaso yokuphepha emigwaqweni, kodwa izikhulu namaphoyisa ngeke bahlale benawe emotweni yakho, baku-indikheythele uma sekufanele uchezuke noma ubuyele emzileni obukuwona.


Uku-indikheytha kungabonakala kuyinto engathi shu, kodwa yiyona mbangela enkulu yokushayisana kwezimoto emigwaqweni yaseNingizimu Afrika, okudlula nenqwaba yemiphefumulo yabantu.

Image

Siya esikhathini samaholide kaNcibijane, esihambisana nokwanda komthamo wezimoto emigwaqweni, kanjalo nezingozi ezinyantisa igazi.

Ucwaningo lweSociety of Automotive Engineers:

Inkampani yeziqophamkhondo (tracker), ishicilele umbiko othi ucwaningo lweSociety of Automotive Engineers, luveze ukuthi iningi labashayeli kalisakuthathi njengento ebalulekile ukushaya amalambu ngaphambi kokujika, noma ukushintsha umzila.

Kuthiwa u-57% wabashayeli ababeyingxenye yocwaningo, bavuma ukuthi kabawashayi amalambu ngaphambi kokujika noma ukushintsha umzila. Lokhu kulinganiselwa ezikhawini eziwu-2 billion ngosuku, neziwu-750 billion ngonyaka.

Bayazihlangula ondlebekazizwa:

Ocwaningweni kuvele nokuthi u-42% wabashayeli bathi aba-indikheythi ngenxa yokungabi naso isikhathi esanele.

U-23% uthe isizathu kuba wukuvilapha nje; u-17% wathi awuwashayi amalambu ngoba uyakhohlwa ukuwacima; u-12% uthe usuke wonga amalambu ngoba uyishintsha kakhulu imizila; u-11% ubona kungabalulekile; u-8% uthi awukwenzi ngoba abanye abakwenzi, kwathi u-7% wathi ukunga-indikheythi kwenza kube mnandi ukushayela.

Kuyakhathaza ukuthi yize kuyinto eyaziwayo ukuthi ukunga-indikhethi kuyingozi kangakanani, abantu bayaqhubeka nokukwenza, ngezizathu ezibhedayo.

Uku-indikheytha yindlela ebalulekile yokuxhumana nabanye abashayeli, ubatshele into ohlose ukuyenza emgwaqweni, ngaphambi kokuba uyenze.

Bese kuba khona nompetha abashayela amatekisi:

Kuyiqiniso ukuthi akumele siphume iqhubu nabashayeli bamatekisi, kodwa ngeke sikubalekele ukuthi iningi labantu abaya emisebenzini nasemadolobheni, basebenzisa wona.

Image

Kuba buhlungu kakhulu uma sekwenzeke isibhicongo ngoba amatekisi alayisha abantu abaningi. Ungafunga ukuthi kunomthetho othi uma itekisi li-indikhetha, liyafa. Kokunye umuntu avele aveze isandla, maqede aphonse imoto phambi kwakho.

Naku okubalulekile:

Elokufa kalitsheli, ingozi ingenzeka ngomzuzwana nje. Akekho umpetha wesiteringi, imoto wumshini njengazo zonke ezikhona.

Kunezinto ezingenzeka emotweni, ezingekho ezandleni zakho ezifana nokuqhuma kwesondo, ukufeyila kwamabhreki, umonakalo wazo obungeke ube mkhulu kangako uma ulandela imithetho yomgwaqo.


Kokunye ungabona sengathi imoto eza emuva kwakho ikude kakhulu, kanti kawubuzanga elangeni.

Kunabashayeli abehlukene emigwaqweni. Abanye banesipiliyoni kanti abanye basanda kuthola izincwadi zokushayela.

Uzothola ukuthi uhambe uzenza umpetha nje, kanti sihamba sikuvika emgwaqweni. Uzothola umuntu ongakajwayeli kahle ukushayela, ahluleke wukukuvika.


Enye indoda yakwaMkhize, eyayingelusa ngesikhathi ngiseyithwasa ebuntathelini, yake yathi kimi, emgwaqweni kumele ukwemukele ukuthi kukhona 'nezilima'. Kumele uthi ushayela eyakho imoto, ube ushayela neyazo.

Sizolokhu sikugcizelela ukuhlonishwa nokulandelwa kwemithetho yomgwaqo kulesi sikhathi. Lona wumkhuba omuhle owenza isikhashana, bese uyawejwayela.

#UkuthulaMakwande