08 | Izindaba

Friday, 21 November 2025

Image

NGUKWANDA Radebe ongusomahlaya, othi ubengeke aphumelele ukuba abangaphambi kwakhe kabazange belule isandla.

Uzobe ene-One Man Show Comedy Just Imagine, kuFlorida, eThekwini ngoDecember

Thandi Zondi

USOMAHLAYA uKwanda Radebe (31), uqeda iminyaka ewu-10, esemkhakheni wezamahlaya. Uthi ubengeke aphumelele ukuba abangaphambi kwakhe kabazange belule isandla.

"Umkhakha wezamaciko kawulula, kwesinye isikhathi kuya ngokuthi wazi bani, futhi uphila nobani. Akuzange kube lula ngisaqala ukuthola abantu abafana noSimphiwe Shembe, ababuye basiqashe nasemicimbini yabo, basicathulise. Lokho kungisize kakhulu," echaza.

UKwanda utshengisa ukukhula kulo mkhakha, njengoba esethole nethuba lokuba yinxusa lakwa-Ola, okuyinkampani ekhiqiza u-ice cream.

"Ngesikhathi ukhula njengosomahlaya, kuvuleka neminye iminyango, njengoba sengikwazi ukuthi ngiqashwe ngingedwa kweminye imicimbi yezinkampani ezizimele.

"Nokuthola amathuba okwenza ibhizinisi ayabakhona kule micimbi engisuke ngiqashwe kuyo," echaza.

UKwanda uneziqu zeGeography and Environmental Management, azithole e-University of KwaZulu-Natal.  Manje wenza iMaster's kwiPopulation Studies and Statistics.

Image

Uthi nakuba ewuthanda umkhakha wezamahlaya, kepha uqhamuka ekhaya eliqhakambisa imfundo, yingakho eqhubeka nokufunda.

"Abazali bangabantu abakholelwa kakhulu ekutheni kumele kube khona okufumbethe okuyimfundo, ngaphambi kokulandela okuthandwa yinhliziyo.

"Bayangeseka ngamahlaya, kepha bathi uma usemkhakheni wezikaqedisizungu, kumele kube khona okufumbethe," esho.

Uzobe enomcimbi wamahlaya obizwa nge-One Man Show Comedy Just Imagine, exhaswe wuMasipala weTheku, ozobe useDropskicks Murphy's, kuFlorida, eThekwini mhla ka-11 December, ngo-19h30 ebusuku.
Amathikithi ayatholakala e-webtickets ngoR100.

"Abathandi bamahlaya bangalindela amahlaya, futhi baphinde bafundiseke ngendlela enamahlaya. Njengoba izinto zishintsha nje sekukhona ne-AI, sizama ukucabanga ikusasa ukuthi lobe selinjani, noma mhlawumbe sobe sesilawulwa ngamarobhothi eminyakeni ezayo, okuyinto esematheni kakhulu esikhathini samanje, kodwa siyenza ibe yihlaya," esho.

UKwanda useke waqokwa nakumaSavanna Comics Choice Awards. Kulo mcimbi uzobhulelwa amazolo nguMzwa Seme noNdu Nkosi.