14 | Izindaba
Friday, 21 August 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine (olwedlule) oluthi: Umbhishobhi wamaLuthela 'udube umnikelo, ecasulwa wukungahlonishwa', abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:
NGUMBHISHOBHI uNkosinathi Myaka.
Mlondisto Molefe:
Sengizibona nje nginikelela omunye umnumzane womuzi, onenhliziyo embi nakhona. Thina etarven asidubi, siyawemukela umnikelo nezipho.
Bongiwe Dlamini:
HHEYI! Abanginike wona lowo mnikelo bakwethu, kukhulu engingakwenza ngawo mina.
Okuhle Mchunu:
Abefundisi bezinsuku zokugcina. Mhlawumbe umnikelo ubumncane, yena ubelindele imoto.
Spha Mbutho:
Mabangazilungisi lezi zinto akhala ngazo, sibone ukuthi uyoduba kuze kube yinini.
Falakhe Mbatha:
Awubuyele kubanikazi, phela it's not like bekuphoqa ukuthi akuthole (umnikelo).
Busiswa Blessing Mpangwana:
Umuntu nomuntu makathathe umnikelo wakhe nesipho sakhe ahambe. Uma engazifuni ngeke aphoqwe.
Sipho Mbasa:
Kusho ukuthi usesuthi uFather.
Sipho Khanyile:
Mina ngeke ngidube u-R50 000, noma ngabe ngithukuthele kanjani.
Mlungisi Dlamini:
Ufuna ukuncengwa, manje amakholwa athi "uyoncengwa wu....".
Nosmilo Wena WoZumane Dlamini:
True servant of God. Akabizelwanga imali, kodwa wabizelwa umsebenzi kaNkulunkulu nokuhola ibandla ngobuqotho.
Mhlephethwe Xulu:
Makuthathwe lowo mnikelo nezipho, kunikezwe abaswele nezintandane, ngoba vele kwakumele ngabe kunjalo la enkolweni.
Mp Cele:
Udube umnikelo kaNkulunkulu. Kusho ukuthi udube uNkulunkulu ngoba abefundisi bamele uNkulunkulu.
Siza B. Khondlo:
IBHAYIBHELI lithi indoda iyodla izithukuthuku zayo, kodwa enkonzweni bahlale besifuna imali. Kunomama nje owake wasifuna insipho, futhi ezikhethela inhlobo ayifunayo. 😏
Bhekani Mhlongo:
Akahambe ashone njengesipikili.
Phaphama Mncwango:
Ube usushonaphi umnikelo Admin? 🤨
Sandile Dladla:
Amen mfundisi.