18 | Ezemidlalo
Friday, 20 March 2026
UCACISA ngesizathu esenze washiya ngaphandle uSipho Chaine ongunozinti we-Orlando Pirates esikwatini sakhe uHugo Broos ololonga iBafana Bafana.
UBroos umemezele iqembu labadlali abawu-23 ngoLwesine emini eGoli.
Lesi sikwati sizokuba nemidlalo emibili yokuzifudumezela iNdebe yoMhlaba yeFifa esizoyigijima nePanama.
Umdlalo wokuqala uzokuba ngomhla ka-27 kwephezulu eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, owesibili ube ngomhla ka-31 kwephezulu eDHL Cape Town Stadium.
UBroos uthuse abathandi bebhola eshiya ngaphandle uChaine oyisethenjwa seBucs. Ufake uRenaldo Leaner ovimbela iSekhukhune United.
UBroos uthe: "Abantu kufanele bazi ukuthi ijezi leBafana kalisona isibonelelo. Ngalokho kangichazi ukuthi uChaine akenzi kahle.
"Inhloso yami wukuthi ngibonele eduze uLeaner, ngingagcini ngokumbukela kude uma edlala." - Senzo Sokhela
UMDLALI wasesiswini weKaizer Chiefs, uGeorge Matlou (osesithombeni) uthi konke usekushiyela kuNkulunkulu njengoba ukulimala - okumumise kabi - kuthatha isikhathi ukuphola.
Lo mdlali ulimale emasontweni ambalwa edlule.
Kumanje usahamba ngezinduku. Ulimala nje, inkontileka yakhe neChiefs iyaphela ngomhla ka-30 kuNhlangulana (June). - Senzo Sokhela
USONGA ngokunyomfa izinhlelo zeKaizer Chiefs u-Allan Freese (osesithombeni) ongumqeqeshi weMagesi FC uma la makilabhu esetholana phezulu koweBetway Premiership ngoMgqibelo ngo-18h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
UFreese uthi la masonto amabili awatholile ukupheka le kilabhu, afane nesibusiso kuyena njengoba ekwazile ukupholisha kahle zonke izindawo obekufanele azibhekisise.
Uthi bawulungele lo mdlalo futhi banethemba lokuthi bazoyiqumba phansi iChiefs phambi kwabalandeli bayo. - Mfanafuthi Ndlovu
NGUTEBOGO Motsepe oyi-executive head makerting strategy kwaNedbank
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
SEZIMENYEZELWE izinkundla nezinsuku okuzogijinywa ngazo imidlalo yama-semi final eNedbank Cup.
Le midlalo izovulwa yiDurban City neCasric Stars ngoMgqibelo womhla ka-4 ku-April ngo-15h00 eChatsworth Stadium, eThekwini, kuthi ngeSonto mhla ka-5, kubhekane iTS Galaxy neMilford FC ngo-15h00 eSolomon Mahlangu Stadium, eMpumalanga.
Amathikithi okubuka le midlalo abiza uR50, atholakala eShoprite, eCheckers, e-Usave, nase-Open Tickets ezweni lonke. - Intatheli yeLANGA