14 | Izindaba
Friday, 20 March 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi: 'Asengcupheni' amasheya kaBobby kwiKaizer Chiefs. Abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:
NGUBOBBY Motaung, ongase adlelwe amasheya kwiKaizer Chiefs.
Sandile Mngomezulu:
Ningaphinde-ke nikhale balandeli beChiefs, ama-free agents yinto enisazophila ngayo leyo.
Mthokozisi Memela:
Mabawathathe. Sebesuthi baze baqunjelwa laba bakwaMotaung.
Mvuselelo Mvuse Mkhize:
Awuuu! Namanje uBobby akakayikhokhi?
Kunini yayifunwa.
Nkosi Mawandla:
Mabawadle impela khona ezophuma kwiChiefs, sike sibuyelwe yinjabulo nathi.
UMsolwa Ongenacala:
Yingakho sidonsa kanzima kanjena! Sihlulwa nawukukhipha u-R20 million for umdlali.
Njabulo KaNdabazezwe KaSimelane:
Vele noma angadliwa lawo masheya. Makaphume aphele ngoba ubuye angakwazi nokukhuluma nabantu.
Ngema Madlokovu:
Mabawathathe, bangashiyi lutho.
Nathi Luswazi Mkhize:
Umuntu obulale iChiefs, yilona.🤞
Andreas Spikitjo Maphiwana:
Wenza ngamabomu.
Sifiso Welly Mabi:
Pho yini ahlulwe yimali engaka enegaraji nebhilidi, okungena izinkulungwane kulona masonto onke?
Kusobala ukuthi akafuni ukuyikhokha noma usazama ukuyincinza kuyise.
Ndokhala Nomchane:
Makudliwe i-team yonke.
Snzo Menziwa:
OkweChief's sengathi kungashabalala! KwaBobby lowo. Ukumbona nje ephethe iCV eyomaketha, kungawuthokozisa umoya wami.
Nashville Sogodi:
Hhayi ziningi izinkinga zalo muntu neqembu lakhe! 😂🤣
Mhlengi Umkhov'odlehotela Ndlovu:
I-Business lomndeni liyahamba.
Bekezela Phakathi:
Mawadliwe wonke, kuzophela le nkinga esibhekene nayo.
Yingakho singakhoni nokuthenga abadlali abasezingeni, yilesi sikweletu salo mholi obulala i-team kayise ayisebenzele kanzima kanjena. 🤞🤞
IamMluleki Mvelase General:
Mabawadayisele mina. Ngizowina i-Lotto today.
Mbawula Shabalala:
Sengathi angadliwa impela lawo masheya akhe kwiChiefs.
Vele akawasebenzisi kahle.
Sinethemba Mthunzini:
Wee! Lapho akathengi nabadlali, kanti uyenzani imali?