12| Izindaba
Friday, 20 March 2026
KUNGAKUSIZA ukudla konke ukudla okunezakhamzimba nemisoco engakwenza ugweme ukuqunjelwa.
Lokhu kudalwa wukugoqana kwamathumbu
Menzi Jele
UKUQUNJUELWA (constipation), uma ukuziba kungakudalela izinkinga. Uma uqunjelwe, kusuke kugoqene amathumbu.
Uma lesi sifo sokuqunjelwa usiziba, singagcina sesikudalela umdlavuza wamathumbu (bowel cancer), ngoba yiwona asuke egoqene.
Ukugoqana kwamathumbu, kudalwa wukungadli ngendlela efanele nokuphelelwa ngamanzi emzimbeni.
Isifo sokuqunjelwa kasikhethi minyaka. Izingane ezincane zibonakala ngokukhala uma ziqunjelwe, kuze kulamule ukuthi zichathwe.
Abantu abajwayele ukuzivocavoca kabavamisile ukuba nenkinga yokuqunjelwa.
ABANTU abajwayele ukuzivocavoca kabavamisile ukuba nenkinga yokuqunjelwa.
Izindlela zokugwema ukuqunjelwa
- Zijwayeze ukuphuza amanzi njalo ekuseni uma uvuka, okungenani izingilazi ezimbili kuya kwezine.
- Zijwayeze ukudla izithelo ezine-roughage, okungamapheya (pears) nama-aphula.
- Zijwayeze ukudla imifino (vegetables).
- Zijwayeze ukuphuza ingilazi yewayini elibomvu uma uqeda ukudla.
- Zijwayeze ukuphuza ikhofi noma amanzi antukuntuku (warm water).
- Zijwayeze ukuzivocavoca.
- Zijwayeze ukuhamba ngasolwandle ukuthola umoya wolwandle (njengasesithombeni esingezansi).
Nazi ezinye zezinto ezidala ukuqunjelwa:-
- Ukuhlala ucabanga nokuphatheka kabi kuyakudala ukuqunjelwa.
- Abantu abangaziniki isikhathi sokuphumula.
- Abantu abajomba izikhathi zokudla.
- Abantu abahlale behamba amazwe ehlukene, nezifundazwe ezahlukene (travellers), bayaba nenkinga yokuqunjelwa.
- Ukudla uhlobo olulodwa njalo lokudla, kuyakudala ukuqunjelwa.
- Ukudla osekubolile kungakudalela ukuqunjelwa.
- Ukudla imifudumezo imihla namalanga kungakudalela ukuqunjelwa
- Ikhona imithi emitholampilo, ezibhedlela, kodokotela nasemakhemisi ehlambulula isisu uma uqunjelwe.
Ulwazi lucashunwe kwiMoyo Clinic Journal
menzi.jele@ilanganews.co.za
UKUHLALE uvakashela izindawo ezahlukene kungakwenza ube nokuqunjelwa.