10 | Ezikaqedisizungu
Friday, 20 March 2026
NguSipho "DJ Sgqemeza" Mbatha ongumsakazi woKhozi FM.
KUSHO ukuthi ikhokha ngempela le nto yokuba ngumfundisi, phela uMzala uzwe ngandlebenye ukuthi uDJ Sgqemeza woKhozi FM, uthi akasakuceli ukuba yingxenye yohlelo lwasekuseni, iVuka Breakfast Show.
He...he..he phela yisinkwa lesiyana, akekho umuntu ongavuma ukuhlehla kulolu hlelo oluyinyama kanje, ngaphandle uma kukhona imali esile eceleni.
UMzala usecabanga ukuthi ayongena kwesobufundisi naye ngoba ngathi kuyakhokha.
NguNgizwe Mchunu obonakale echapha ngenhlamba isikhulu saseSteers.
UNGIZWE Mchunu ngibone evala isitolo sokudla iSteers, eBerea, eThekwini ethi ulwela izisebenzi zakulesiya sitolo, ezithi zixhashazwa ngumqashi ngokuziholela imali encane.
Udumalile uMzala uma esebona uNgizwe ekhomba ngomunwe ezinhlamvini zamehlo isikhulu salesi sitolo, esikhaca ngenhlamba.
We Ngizwe, uma sesikushaya lesi sikhulu, uzogijima uyovula icala, ukhale ngesifuba esikuphathayo njengoba uphelelwa umoya nje.
Usufuna ukuklewula njengoba wawuklewula ngesikhathi ushaywe nguSihle Zikalala, esengundunankulu waKwaZulu-Natal?
NguTumi "Gogo Skhotheni" Mchunu Motsoeneng, ovezele umphakathi ngesitayela ukuthi uzithwele.
UMZALA uyazithanda izinto ezinhle, phela osaziwayo kwesinye isikhathi bake bashuthe into oke uzibuze uwedwa ukuthi kazi kungabe bebecabangani.
UGogo Skhotheni owaziwa kakhulu ngohlelo, 'Izangoma Zodumo', ungichazile ngendlela enze ngayo i-pregnancy shoot yakhe. Uzinike isikhathi wacabanga, uMzala uthi 'Wooooo shem'!!
Sisakhona kulabo abakhulelwe, kwabasondelene noJessica Nkosi, ake basihlebele ukuthi ukhulelwe ngempela noma uyazidlalela.
UMzala akafuni ukumosha o-congratulations bakhe ngento engekho.