05  | Izindaba

Friday, 20 March 2026

 Kulobe:
Thandoluhle Ngubo

Izindaba

 Wafuna imali 'yokugeza' kofakazi ababona ebulala, olahlwe amacala

Kuthiwa wayefuna bakhiphe u-R1500 ufakazi ngamunye...

Image

YAFUNA imali 'yokuyogeza isinyama' kofakazi abazibonela ibulala abantu inkabi elahlwe ngamacala amathathu okubulala nelilodwa lokushaya, yiNkantolo eNkulu yaseMthunzini ngoLwesibili.

USiphamandla Gumede, ulahlwe yile nkantolo ngamacala okubulala uMnu Edwin Zungu noMnu Simiso Luthuli, esigamekweni esenzeka ngo-2018, eMachanca, eShowe, elokushaya ngezimpama uMnu Siphamandla Ngema, nelokubulala uMnu Bongani Mhlongo, owadutshulwa wabulawa phambi kwezingane nabazali esikoleni iMafunda High, eMbongolwane, eShowe ngo-2024.

UGumede ulahlwa amacala nje, kuthiwa uvele udonsa isigwebo sodilikajele abahlanu ngamacala okubulala.

Ngokobufakazi obethulwe nguMnu Simiso Bethwana, owayekhona ngesikhathi kubulawa uZungu noLuthuli, uthi yena, ummangalelwa (uGumede), abafi, uNgema nabanye, basuka emcimbini kweminye yemizi yendawo beyophuza emzini owawuqashwe nguLuthuli.

Uthi ngezithuba zabo 01:00 ekuseni, uGumede wathuma uNgema ugwayi ngo-R10, okwathi uma enqaba, wamshaya ngezimpama. Uthi uLuthuli wancenga uNgema ukuba aphume ngenhloso yokumvikela kuGumede.

Esephumile uNgema, uthi uGumede wasukuma wadonsa isibhamu sohlobo lwevolovolo (revolver), wakhipha inhlamvu eyayisesicathulweni, wabe eseyinika uLuthuli.

Uthi uLuthuli akayithathanga inhlamvu, kunalokho waxolisa. Uthi uGumede wathatha induku, washaya uLuthuli, emphoqa ukuba afake inhlamvu esibhanyini ayesibambile. Uthi eseyifakile wabe esemdubula ekhanda.


"Ngasukuma ngabaleka nomunye esasihleli naye, sayoma buqamama. Sisamile kwaqhamuka uGumede nomunye wesilisa okuthiwa uGeja, wasibuza ukuthi sibalekelani, wathi izindleko zakhe zokugeza isinyama zizothwalwa yithi ngoba sikhethe ukubaleka.

"Wangiyalela ukuba ngingatsheli muntu ngengikubonile ngoba uzobulala umndeni wami wonke," kusho uBethwana.


Uthi ngosuku olulandelayo wafonelwa nguGeja, emazisa ukuthi uGumede ucela bahlangane. Uthi kulowo mhlangano wathola ukuthi noZungu udutshulwe wabulawa ngemuva kokubulwa kukaLuthuli.

Uthi uGumede wayalela yena nowesilisa abaleka naye ukuthi bakhiphe u-R1500 umuntu emunye, ukuze ezoyogeza. Uthi wagcina emnike u-R120 lo omunye wesilisa wakhipha u-R500, okuthiwa kwathathwa nguGeja.

Image

"Asikhulumanga noGumede kwaze kwaba
u-2024, lapho angifonela khona, engibuza ukuthi kukhona yini engikutshele amaphoyisa ngokubulwa kukaZungu noLuthuli. Ngaphika, wathi uma eke wathola ukuthi ngikhulumile, uzongenzakalisa," esho.


Kwelokubulawa kukaMhlongo, kugibele ebhokisini lofakazi umfundi owazibonela ngamehlo kwenzeka isigameko.

Leli phephandaba labika kabanzi ngokubulwa kukaMhlongo, owadutshulwa wabulwa phambi kwabafundi nabazali esikoleni njengoba kwakunomhlangano.

Lo mfundi uthi wambona uGumede edubula uMhlongo ngoba iwindi lemoto ayehamba ngalo, lalivuliwe.

Lethula isinqumo iJaji uRobin Mossop, lincome ubufakazi bukaBethwana. Lathi nakuba ufakazi ebethukile ngesikhathi ethula ubufakazi, kodwa ukwazile ukuthula ubufakazi obuseqophelweni eliphezulu.

UMossop uphinde wancoma ubufakazi bomfundi owakwazi ukubona uGumede nemoto ayehamba ngayo ngesikhathi kubulawa uMhlongo.

Uthe ubufakazi abethulile bokuthi isibhamu saqhuma izikhawu eziningi, buyahambisana nobufakazi obaqoqwa amaphoyisa endaweni yesigameko, njengoba athola amagobolondo ezinhlamvu angaphezu kuka-8.

Uchithe ubufakazi bukaGumede bokuthi uLuthuli noZungu badutshulwa ngumuntu ongaziwa, owabangenela endlini, nobuthi akakaze aye esikoleni ngesikhathi kubulawa uMhlongo.
Umlahle ngawo wonke amacala.