04 | Izindaba

Friday, 20 March  2026

Ngimatasa ngenza izingane - Jessica Nkosi

Uthi usejahile ukubona ubuchule babasiki, bechaza i-theme yakulo nyaka yeHDJ 

Image

NGUJESSICA Nkosi, ongusaziwayo. 

Lucky Cain

USHAYE ngamafuphi ephumela obala ngokuthi umatasa ngokukhiqiza izingane, usaziwayo wakuleli, uJessica Nkosi, ngesikhathi ekhuluma neLANGA Lempelasonto, emcimbini wokwethulwa ngokusemthethweni kwe-theme yalo nyaka yeHollywoodbets Durban July.

Lo mcimbi wokwethulwa kwale theme ebizwa ngeCountry Allure, ubuhanjelwe ngabasiki bengqephu abehlukene, abebezozizwela ngenhloso yokubheka ukuthi bazosebenzisa miphi imisiko kwiHollywoodbtes Durban July, yalo nyaka.

Umcimbi weHollywoodbets Durban July uyaziwa ngokuqhakambisa imfashini. Minyaka yonke imfashini ivamise ukuhambisana ne-theme ethize, okuyiyona ebagadayo ngengqephu okumele igqame ngalolu suku.

Umcimbi walo nyaka kuhlelwe ukuthi ube ngomhla ka-4 kuJuly, eGreyville Racevourse. 

Abasiki bengqephu bakhombise ukuyithakasela i-theme yalo nyaka njengoba ihambisana nendulo, usiko, imvelaphi nomlando.

Image

UVuyisile Ngobese oyisikhulu seHollywoodbets Foundation, uthi nakulo nyaka bazosebenzisana nezikhungo zemfashini ukunika abafundela ukusika ingqephu ithuba lokuchaza le theme ngemisiko yabo. 
  
Uthe unethemba lokuthi abafundi nabasiki bengqephu abasafufusa, bazokwazi ukuyichaza kahle ngemisiko yabo.

Uthe nakuwona lo nyaka bazoba nezigaba zokuhlunga kuze kufinyelele kwabayishumi, okuzogcina kukhethwa kubona abazokhangisa kulo mcimbi.

UJessica ungomunye wosaziwayo abebeyisimenywa kulo mcimbi. Usanda kuba sematheni ngokubonakala kwesithombe sakhe (esingezansi), ekhulelwe.

Image

Ekhuluma naleli phephandaba kuwona lo mcimbi, uthe ujabule nge-theme yalo nyaka yalo mcimbi, wathi akasakwazi ukulinda ukubona ubuchule babasiki bengqephu, bezama ukuyichaza.

Ebuzwa ngokuthi umatasa ngani kulezi zinsuku, ushaye ngamafuphi wathi, "Ngimatasa ngenza izingane," esho ehleka.

UJessica ushade nongumlingisi uTK Dlamini, wodumo lukaMastermind emdlalweni uZalo. Banezingane ezimbili ndawonye.

UJessica, ozakhele udumo edlala indawo kaQondi emdlalweni Isibaya, uke wabonakala nakwiThe Queen.

Phambilini wathi uyakuthokozela ukuba ngumama ngoba uchitha isikhathi nezingane zakhe ezimbili ngaleso sikhathi.