23| Ezemidlalo
Friday, 20 June 2025
NGU-LAURINDO Aurelio.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Nhlanhla Hudla
UFUNWA uthuli ngamakilabhu amakhulukazi aseNingizimu Afrika uLaurindo Depu Aurelio ongumgadli wase-Angola, oshaye into ecokeme kwiHollywoodbets Cosafa Cup ebigijinywa eBloemfontein kule nyanga. Lo mdlali uqokwe njengomshayi magoli ovelele kulo mqhudelwano.
IKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates kubikwa ukuthi bamzingela njengenyamazane lo mgadli njengoba kuthiwa izinhloli zala makilabhu - amakhulukazi kuleli, ngenxa yokuba nabalandeli abaningi - zigculisekile ngezikubone kulo mdlali osemabhukwini eGil Vicente FC yasePortugal emboleke iVojvodina yaseSerbia.
Kuthiwa aMakhosi aseze anxenxa umdlali wawo, u-Inacio Miguel (naye ongowase-Angola) ukuba angenelele ukuzama ukuyisa lo mdlali ePhefeni.
NGU-FISTON Mayele eziqinayo izindaba zokuthi angase ajoyine iMamelodi Sundowns.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Kwenzeka lokhu nje, zilokhu ziqina izindaba zokuthi umgadli wePyramids yase-Egypt, uFiston Mayele waseDemocratic Republic of Congo (DRC), angase ajoyine iMamelodi Sundowns okuthiwa imnunusela ngetshe lemali.
Lo mdlali kubikwe kakhulu ngokuthi angase ajoyine iChiefs, kodwa izinto zibukeka zishintsha. Kuthiwa iSundowns ibeke etafuleni u-R45 million ukumthenga.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMayele ube nesandla esikhulu ekutheni iPyramids inqobe iCaf Champions League, lapho eshaye khona amagoli abalulekile bekhipha iPirates kwi-semi-final, waphinda wagila izimanga behlula iDowns kowamanqamu.