Izindaba | 15

Friday, 20 June  2025

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:

Odilikajele kwababulala kubangwa imibhede ehostela iGlebe. Nansi imibono yabafundi kwiFacebook:

Image

KUSUKELA kwesobunxele nguBongani Mabele (36), nguSiyamthemba Zintenteni Mthwana (32), nguNkosinathi Njeya (43), nguBongani Patrick Mboyiyana (42) noSibusiso Mkhonde (43), abagwetshwe yiNkantolo eNkulu ngamacala okubulala abantu ehostela iGlebelands.
ISITHOMBE NGU : JOHN HLONGWA


01


Sandile Corrector Manda:

CABANGA udilika jele wokubanga umbhede! Baze bayihlaza imindeni yabo. 😭🤣🤣🤣🤣

02


Philani Ithwalakanzima Shukuzela:

NAKHUYA! Useyolala ejele kowakhe yedwa umbhede mihla yonke yokuphila kwakhe.

03


Vector Malindisa:

BAYOBANGA umbhede nama-28 manje.

04


Lindiwe Malindy:

BASUKE le emakhaya bazobanga ugqoko lwasehostela. Ngihlezi ngisho ukuthi amabhinca ingqondo iyobuya kudala.

05


Mthandeni Phakathwayo:

LE mibhede ababeyilwela ilele abanye abantu kuyimanje. Lona wumvuzo wokulwa singekho isidingo. Isiyobonana kudala kabi.

06


Nkunzi Shange:

ZIBALINDILE iziboshwa, abophatha ovaselina, akubhedwa laphaya.

07


Leli Ndiyakazi LakoMondise:

NAWO lowo mbhede yisikebhe nje, into ongangena uhlale ngaphansi kwawo ungabi nankinga ngoba awuthinti ngisho ukhakhayi uma uhleli.

08


Masixole Ntswaninge:

NGASINDA nami kula madoda angenanembeza. Kangiwezweli nakancane.

09


Siyabonga Magudulela Kelvin:

ABANYE bagwetshwelwa imali, nina nigwetshelwa izikebhe olala wedwa kuso?

10


Gee Santa:

YISANGOMA sabo yini lesi esimi ngemuva sobungoma?
Ngibone besibuka, silokhu sibheka phansi, kusho ukuthi ibhemile.

11


Mbuso Mncube:

INGANI inqondo yobuphukuphu-ku. Awubheke manje sebekuphi?

12


Zandie Majola:

LA majaji amanje awayihleki into engahlekisi. Iyalwa nale ndoda ebulewe. Bonke badilikelwa yijele.

13


Susan Ngcobo:

UPELEPELE unikwe iNdiya, kubaba ngisho amasi.

14


Phumelele Zungu MaNdlovu:

YIZWANI nje!  Kuze kufe abantu ngendaba yemibhede ehostela? Ukubulala sekwaphendula i-sport nje kwindlu emnyama.

15


Erick M Thusi Mlotshwa:

SENGAZE ngakhohlwa yile ndaba yokuboshwa kwala madoda.