Izindaba | 14

Friday, 20 June  2025

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:

IGagasi limhlwithe ngetshe lemali uSelbeyonce. Nansi imibono yabafundi kwiFacebook:

Image

NGUSELBY "Selbeyonce" Mkhize oseyosakaza kwiGagasi FM.

01


Nkululeko Vanhei Khuzwayo:

USHIYA kuhulumeni uya kwa-My friend, uzozisola njengoShivambu.

02


Sthera N'tezimnandi:

UMA ungaphika nalezi zintatheli zikaYouTube, ungaboshwa impela nje, uboshelwe amanga.
Bezisenga ezimithiyo zithi uSelby uya kwiMetro.

03


Ngunezi Mkhize:

USELBY uyalihlabela idlozi lakhe. Uhlezi efake iziphandla. Yingakho inhlanhla izizela.

04


Zwelibi Mlungisi Mantengu:

MAKABHASOBHE bangamehliseli ku-R4 500 ngonyaka ozayo.

05


Mlamuli Simphiwe Thango:

KANTI u-R2 500 wawunikwa abanjani?

06


Zanele Madlula Hlela:

KUNGCONO ngoba uthole amadlelo aluhlaza.

07


Khumalo Mtungwa:

KUSHO ukuthi akuselona itshe, yidwala phela lelo.

08


Sagat Alondwe Sfiso:

HAWU kanti linayo imali? 
Lahlulwa yini ukugcina uDr Mthembu ngayo leyo mbokodo yemali?
Nina nje ninamanga, iGagasi lizimele. Angaya komunye umsakazo ongaphansi kweSABC.

09


Bongumusa Mncube:

LENZE kahle lamthatha, nami sengizolalela uKhozi.

10


Mbongeni Bafor Nxakanti:

KUHLE ngoba nabo (aboKhozi) bahlwitha uMzoh (Mzokoloko kwiGagasi).