08| Izindaba

Friday, 20 June 2025

I-IEC nengqinamba ngamaqembu ezepolitiki angabadaluli abaxhasi


Amanye kuthiwa ayehluleka wukuhlonipha umnqamulajuqu wokuthunyelwa kwemibiko

Image

NGUMNU Mosotho Moepya ongusihlalo we-IEC.

Bheki Ndlovana

IBHEKENE nengqinamba i-Electoral Commission of South Africa (IEC), mayelana  namaqembu angalandeli umthetho othi kumele aveze umnikelo wemali ayithola kwabathile, iPolitical Funding Act.

Lo mthetho owaqala ukusebenza ngo-2021, uphoqa amaqembu epolitiki ukuba adalule  kwi-IEC umnikelo wemali esukela ku-R100 000 kuya phezulu, anikelelwa yona ngabathile, izinkampani, noma izinhlangano ezithile.


Ekhuluma ngoLwesithathu emhlanganweni - ophele ngoLwesine - obewuhlelwe yi-IEC eMhlanga Rocks, eThekwini, uMnu George Mahlangu oyisikhulu esiqondene nezoxhaso lwamaqembu kule khomishini, uthe kunamaqembu athile angawulandeli lo mthetho oqale ukusebenza ngo-2021. Uveze ukuthi amanye aze athumele imibiko sekwedlule isikhathi esisuke sinqunyiwe.


Lo mhlangano bewethanyelwe ngamaqembu epolitiki, yizihlangano okukhona kuzo nezivela kwamanye amazwe, ongoti abavela ezikhungweni zemfundo ephakeme, nezikhulu ze-IEC.

Enye ingqinamba evezwe nguMahlangu ngalo mthetho, wukuthi bancane abantu emphakathini abawuqondayo.

Nakuba kuvele lezi zingqinamba, kodwa kukhona nokuhle okubikwa ukuthi kuyizithelo zalo mthetho.

I-IEC ithi lo mthetho usulekelele kakhulu ekutheni izinto zihlale obala mayelana neminikelo etholwa ngamaqembu. Ithi ukushicilelwa kwemibiko yeminikelo yamaqembu, kunika umphakathi ithuba lokwazi ukuthi ngubani oxhase liphi iqembu.

Okunye okuhle wukuthi maningi amaqembu - ikakhulukazi lawo amakhulu asephalamende nasezishayamthetho ezifundazweni - aphumela obala manje ngokuveza abawanikelelayo.

Image

UMnu Mosotho Moepya ongusihlalo we-IEC, uthe lo mhlangano - wokudinginga ngalo mthetho wezoxhaso lwamaqembu epolitiki -  ungowokuqala ukwenzeka eNingizimu Afrika, selokhu lo mthetho waqala ukusebenza.

Uthe inhloso yalo mhlangano wukudingida ngendima esihanjiwe selokhu wabekwa lo mthetho.

Ekuqaleni kwalo mhlangano ngoLwesithathu, i-IEC iqale yacacisa kabanzi ngokuthi yikuphi lo mthetho osukwenzile; zithelo zini esezibonakele ngalo mthetho, yiziphi izinselelo ezikhona ekusebenzeni kwalo mthetho nokuthi yikuphi lapho okusafanele kuqiniswe khona.