Izindaba | 07

Friday, 20 June 2025

Image

Ama-Satma nemikhakha emisha yamabhinca

Mthobisi Sithole

UBUYA nemikhakha emisha umncintiswano wamaSouth African Traditional Music Achievements Awards (Satma), njengoba sekuvuliwe ukuqokwa kwamaciko azongenela owakulo nyaka.

Kulo nyaka kulo mncintiswano kwengezwe imikhakha emisha ewu-10, ehambisana nesimanjemanje, ikakhulukazi ezinhlakeni zezinkundla zokuxhumana.

Phakathi kwemikhakha emisha eyethulwayo, kubalwa iBest Cultural Maiden (itshitshi), Best Traditional Tiktoker influencer, Best Traditional Social Media Fanpage, Best Traditional Story Teller, Best YouTube Viewed Song, Best Traditional Clap and Tap, Best Cultural Maiden Young Man (Ijongo), Best African Music Legend All the time, Best Traditiona Artist with Disability (abakhubazekile) neminye.

Okhulumela ama-Satma, uMnu Keletso Dlamini, uthe bafake imikhakha emisha ehambisana nesitayela esisha, ngenxa yokushintsha kwezimo zokuphila kwabantu kule minyaka.

Utshele leli phephandaba ukuthi nyakenye bebenemikhakha elinganiselwa ku-30, njengoba kulo nyaka befake emisha, ngenhloso yokuthi amaciko amaningi angasali ngaphandle emncintiswaneni.

"Abantu abasha sebeveze ubuciko kakhulu ezinkundleni zokuxhumana. Asifuni basale ngaphandle uma siqhakambisa abavelele emikhakheni yesintu. Kulo nyaka amaSatma ashintshe kakhulu - kuningi okuhle okuzayo," kusho uDlamini.

Ukuqokwa kwamaciko kuzovalwa mhla ka-1 kuNcwaba (August). Umcimbi omkhulu wokumenyezelwa kwabanqobile emncintiswaneni, uzokuba mhla ka-13 kuZibandlela (December).

Ukuqoka iciko olithandayo, uthumela i-sms ebhalwe igama lalo nomkhakha oliqokela kuwona kule nombolo: 33329, kanti amaciko wona ayalelwa ukuba agcwalise ifomu lokungenela, elitholakala kule website : www.satmaawards.co.za.

Eminye imikhakha engenelwayo itholakala kuyona le website. Abahleli balo mncintiswano baveze ukuthi kulo nyaka, umcimbi omkhulu wokumenyezelwa kwabanqobile, uzokwenzelwa e-Underberg, eDrakensburg KwaZulu-Natal.

mthobisis@ilanganews.co.za