Izindaba | 06

Friday, 20  June 2025

Image

NGUSANNA Mchunu

Ufikelwe wumuzwa wokudansa eqashwa kwiGenerations

Lucky Cain

UFIKELWE wumuzwa wokudansa sengathi akanamathambo umlingisi wodumo ethola ucingo lokuthi usezoba yingxenye yomdlalo owuchungechunge, iGenerations The Legacy, ekhonjiswa phakathi nezinsuku kwiSABC 1.

USannah Mchunu (osesithombeni esingenhla), ongumlingisi osezakhele igama emidlalweni eyahlukene kumabonakude, waphinde wahla-bana nangezindondo, ungomunye wabalingisi abane abasha asebezobonakala kulo mdlalo.

Kulaba balingisi abamenyezelwe yinkampani iMorula Pictures, asebezobonakala kulo mdlalo, kubalwa uNozuko Ntshangase, uTinah Mnumzana noPhillip Tipo Tindiso.

Ezwakalisa injabulo yakhe ngokujoyina lo mdlalo uSannah oseke wabonakala emidlalweni okubalwa kuyo iGomora, Icala, Youngins, The River neminye, uthe bekuhlale kuyisifiso sakhe ukuba yingxenye yalo mdlalo omkhulu.

"Ngibonga uNkulunkulu ngokunginika leli thuba. Ngesikhathi ngithola ithuba, ngifikelwe wumuzwa wokuthi ngidanse ngizephule amathambo," kusho lo mlingisi.

Kulo mdlalo uSannah uzodlala indawo kaSis' Phindi MaNxumalo, ongowesifazane onobuntu, futhi ozithulelayo, kodwa otinyela njengenyosi uma esukelwa. Uveze ukuthi uMaNxumalo ungowesifazane onezimfihlo, futhi othobile kwabesilisa.

Image

NGABALINGISI abasha, abazobonakala maduze kwiGenerations. Kusuka kwesobunxele nguSannah Mchunu, uNozuko Ntshangase noTinah Mnumzana.

Isitatimende esikhishwe yiMorula Pictures, siveze ukuthi uTinah uzodlala indawo ka-Ausi Nokwazi Lukhozi, uNozuko alingise ekaVuyelwa Nxumalo bese kuthi uPhillip alingise ekaDonald Brave.

UBuntu Pets, odlala indawo kaNontle Majola, ukhuza ibuya kulo mdlalo, kanti kuyaphela ngendawo kaPele Dali Malinga edlalwa ngu-Andile Nebulane, nekaDkt Siphesihle Cele, edlalwa nguPearl Monama.

Kulindeleke ukuthi abanye balaba balingisi baqale ukubonakala kulo mdlalo ngasekupheleni kwale nyanga, nasekuqaleni kwenyanga ezayo. I-Generations The Legacy, ngomunye wemidlalo ewuchungechunge esikhonjiswe isikhathi eside kumabonakude eNingizimu Afrika.

Kuzokhumbuleka ukuthi lo mdlalo uke waba ngohamba phambili ngababukeli kuleli ngaphambi kokuthi kuqale Uzalo, olwafika lwaqopha umlando ngesibalo sababukeli. Nakuba siqhubeka nokwehla isibalo sababukeli balo mdlalo, kodwa usalele isibili emidlalweni ebukwa kakhulu eMzansi.