Izindaba| 05

Friday, 20 June 2025

Zizothengwa omntakabani izimoto zikanokusho zikaMaMkhize


Seziqalile ukukhangiswa ekhasini  lenkampani yabadayisi

Kuthiwa le ntokazi yehlulekile wukuvikela izimoto zayo...

Image

Intatheli yeLANGA

KUPHUZWA ngayo itiye indaba yokulahlekelwa kukaMakhize yizimpahla zakhe zikanokusho, eziyigugu futhi abevame ukugabisa ngazo.

Sekusobala manje ukuthi luyagoba uphondo kuShauwn Mkhize osedume ngoMaMkhize, njengoba ehlulekile wukuvikela izimoto zakhe zakwanokusho ukuba zingafakwa endalini.

Kusukela ngomhla ka-27 kuJuni kuze kube wumhla ka-2 kuJulayi, abacaphuna kusale bazozikhethela unyanyavu abaluthandayo eqoqweni lezimonto ezingaphezu kuka-10 zikaMaMkhize, ezifakwe endalini.

Image

Kuyimanje seziqalile ukukhangiswa lezi zimoto ekhasini le-website lenkampani yabadayisi bezimpahla endalini, iBidders Choice.

Lapha akukhulunywa ngezimotshwana, kodwa kukhulunywa ngezingqovungqovu ezihamba omntakabani. Phakathi kwalezi zimoto kubalwa unyanyavu lonyaka ka2022 lweMercedes-Benz S680 Maybach Edition 100, okuwuhlobo lwemoto engandile.

Le moto ibalwa kweziwu-100 emhlabeni wonke, okuyizona kuphela ezakhiwa. 

Image

Ezicishe zifane nalolu hlobo zibiza uR5 million kuya phezulu phesheya kwezilwandle uma zifakwa
kwi-auction. Le moto inophawu lweRoyal AM okuyiqembu lebhola elathengwa nguMaMkhize ngo-2021, okwakukade kuyiBloemfontein Celtics, leza eKZN.

Image

Kukhona neBentley Continental GTC ka-2020, okuyimoto engabiza uR4 million; kube nonyanyavu iMercedes-Benz G-Wagon yango-2016 engabiza ngaphezu kuka-R2 million kuya ngesimo ekuso. Ngaphezu kwalezi kukhona neBMW i7 xDrive 60 yango-2022, okuwuhlobo lwakamuva lwakwaBMW olungadayisa cishe uR3 million.

Ezinye ezikhona futhi yiMercedes-Benz V-Class Maybach Bus (2028), nezinye zakwaBMW, amaToyota Hilux bakkies awu-2, iNissan NP300 neVolkswagen Crafter. Kunebhasi likanokusho
lika-2014 lakwaMercedes-Benz Marcopolo G7.
Lezi zimoto zidayiswa ngenhloso yokuqoqa imali yentela uMaMkhize ayikweleta uSars engaphezu kuka-R37 million, ekweletwa yiqembu lakhe lebhola.

Image

Abanentshisekelo yokuthenga lezi zimoto kumele babhalise online, bese bekhokha imali ewu-R50 000 eyidiphozithi ayobuyiselwa emuva. Kanti futhi othandayo angakwazi ukuyozibukela mathupha lezi zimoto eGoli noma KwaZulu-Natal ngaphambi kokuba zifakwe endalini.
UMaMkhize udume ngokuphila ntofontofo benengane yakhe u-Andile Mpisane, ebinguSihlalo weRoyal AM. Uyaziwa ngokugabisa nasezinkundleni zokuxhumana ngempilo yakhe ewubukhazikhazi.

Image