Izindaba | 03
Friday, 20 June 2025
Le ntokazi ithi kayikaze ixabane noLondie London phambilini...
Iphenduke intandokazi kwabanye, kodwa yazifakela isigcwagcwa kwabanye...
Ngumsakazi weGagasi FM, uMinnie Ntuli.
Lucky Cain
ZIGADLE kwezwela ezinye izinkulumo nokugxekwa akutholile ezinkundleni zokuxhumana umsakazi weGagasi FM, obeyingxenye yohlelo lukamabonakude, iReal Housewives of Durban S5, uMinnie Ntuli, ophenduke iqaqa kwabanye ababukeli balo, kanti abanye bakhombisa ukumthanda.
UMinnie oqale ukubonakala kulolu hlelo kule sizini, uveza ukuthi akubanga lula ukubhekana nezinye izinto ebezikhulunywa ngabantu ngaye ezinkundleni zokuxhumana.
Le ntokazi ithi nakuba kunjalo, izamile ukuziqhelelanisa nalabo abebebhala okungekuhle ngayo kulezi zinkundla, ikakhulukazi ngoba ibilazi iqiniso.
"Bengifunda lokhu okungikhulisayo, bese ngiyakuziba lokho obekungangenzeli lutho. Bekumele ngihlale ngizikhumbuza ukuthi uma ngingumuntu, kumele ngiwamukele amaphutha ami bese ngiyafunda kuwona," kusho yena.
Kulolu hlelo uMinnie ufike kwezwakala, njengoba aba sematheni kusukela eqala ukubonakala. Abantu abaningi bakhombise ukunengeka nokumthanda ngesikhathi eba nokungaboni ngasolinye nenye yezintokazi kulolu hlelo, uLondy London.
Kube sematheni ukungahoshelani kukaLondie London, noMinnie Ntuli kwiThe Real Housewives of Durban S5.
Labo abebevele bengamthandisisi uLondy, bakhombise ukumthanda uMinnie kanti labo abebezifela ngoLondy, bamcasukela, bashiya abangalazi ngoMinnie.
Ephawula ngokungezwani kwakhe noLondy, uveze ukuthi ubengakaze abe nenkinga noLondy ngaphambi kokuba kulolu hlelo.
"Okwenzeka phakathi kwethu kwaqala khona ohlelweni ngeshwa kwase kuyanyukela, sagcina siphenduka inkukhu nempaka. Kwasuke kwaphakama imimoya nokuzikhukhumeza phakathi kwethu, kwangaba khona ukuxhumana kahle kwase kuba sengathi indala ingxabano yethu," kusho uMinnie.
Uthi useke wazama ukubuyekeza okwenzekile, waphinde waxhumana noLondy ngasese ngenhloso yokuthi axolise.
Le ntokazi iveze ukuthi nakuba okwavela kulolu hlelo kungesona isithombe esigcwele, njengoba ophrojusa besuke sebeyihlelile bayinqamula ingxoxo kodwa iyakwamukela okwenzekile. UMinnie uthi ukuba ngumbukeli walolu hlelo nokuba yingxenye yalo ngaphakathi yizinto ezingafani ngoba uma ungaphakathi, kuthinta impilo nemizwa yakho ngakho ukuziphatha kwakho kuhlala obala emehlweni abantu.
Iqhube ngokuthi ukuba kulolu hlelo ifunde lukhulu ngayo nangendlela yokuziphatha uma ibhekene nezimo ezithile empilweni. Ithi kayizisoli ngokuvuma ukungena kulolu hlelo njengoba ikwazile ukwakha ubudlelwano obuhle nobuqinile nabanye besifazane abakhona kulolu hlelo.
UMinnie uthe nakuba evele njengomuntu oqhwakazayo nonenzondo kulolu hlelo, kodwa empeleni ungumuntu onobuntu futhi onozwelo. Uvumile ukuthi ngezinye izikhathi liyavuka ikhanda uma echukuluzwa
Uphethe ngokuveza ukuthi ngeke asho ukuthi akasophinde abe yingxenye yalolu hlelo, kodwa ngokuzayo uma ithuba livela, uyongena esevuleke umqondo nangendlela okumele asingathe ngayo ezinye zezinto ahlangabezana nazo ohlelweni. lucky.cain@ilanganews.co.za