Izindaba | 02

Friday, 20 June 2025

Image

NGUMNU Floyd Shivambu noMnu Jacob Zuma.

UShivambu uthi kunabantu abangalungile abasondele kuMsholozi

Menzi Jele

YIZE obenguNobala-Jikelele woMkhonto weSizwe Party (MKP), uMnu Floyd Shivambu, ethi ufunde okuningi kwipolitiki kulezi zinyanga eziwu-6, ekuleli qembu, kodwa futhi uthi kunezinto ezingalungile abezibona zenzeka ngaphakathi.

UShivambu ucacise ngekusasa lakhe kwipolitiki ngesikhathi ekhuluma nabezindaba esithangamini ebesiseMidrand, eGoli, ngoLwesine, emini.

Uthi ngesonto elizayo yena nabathile, bazoqala umbhidlango wokuhambela zonke izifundazwe, bezwe "amanzi ngobhoko" ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bayalidinga yini iqembu elisha lepolitiki.

Uthe akakesuli ekubeni yilungu leMKP, kodwa yena nabathile azobamemezela ngesonto elizayo, bazohamba izwe lonke, bezwe izimvo zabantuĀ  ukuthi yiziphi izinguquko abazifunayo kwipolitiki. UShivambu owadilizwa esikhundleni sokuba ngoNobhala-Jikelele weMKP ngomhla ka-3 kuJune, uthi kunabantu kwiMKP abebemkhuluma kabi, bethumela imibiko "yobunhloli" engelona iqiniso.

"Kwathiwa ngisezinhlelweni zokuketula uMengameli weMKP, uMnu Jacob Zuma. Kwathiwa futhi kunabantu abathile engifuna ukubagudluza. Abantu abebesho lezo zinto, yilabo abanezinhloso ezingasile, abazele ukuzokweba imali yeqembu.

"Kunemali ewu-R7 million, ebikhishwa esikhwameni seMKP njalo ngenyanga. Ngakukhuza lokhu ngoba ngibona ukuthi iqembu lizosala lingasenamali.

"Ngisebenze kakhulu kwiMKP, ngiletha abaholi bezenkolo, abaholi bomdabu, abelaphi bendabuko, ngabhala umthethosisekelo weqembu, ngasungula izinhlaka zabesifazane, nezabantu abasha.

"Kunabathile ababhala incwadi bayifaka epotime-ndeni likaMengameli uZuma, bebhale izinto ezingelona iqiniso ngami. Ngikholwa wukuthi alikho iqembu lepolitiki okufanele ligxile esifundazweni esisodwa, libe ngelohlanga oluthile olulodwa, kube yinto yomndeni othile," kusho uShivambu.
menzi.jele@ilanganews.co.za