15 | Izindaba

Friday, 20 February 2026

Imibono

Odabeni oluphume ngoMsombuluko kwiLANGA, baphawule kanjena abafundi bethu kwiFacebook 
ngokuchwaza, kundize amadilozi kowamahlaya ne-gospel:

Image

NGUSOMAHLAYA uNonto R, obehlele umcimbi wamahlaya ohambisana ne-gospel, ngosuku lwezithandani eSuncoast Casino, eThekwini.


Lino Manuel Macuacua:
KHUZANI bo amabhadi amangaka. 


Shabane Mondli:
EYI ngike ngimubonge uNkulunkulu ngosisi bami angipha bona! Ave zizihlonipha izingane zikababa. Angazi ngingathini ngibona usisi ekhumula iphenti elijikijela esiteji.


Sakhile Ziqubu:
KUNABANTU abashoda ngamasiko. Akekho umuntu osile ongasho leyo nto. Nezingane ezizalwayo nazo ngeke zilesabe ihlazo. 


Nhlanhla Phungula:
HHAYI, silokhu sibabazile.


Mzakes Nyanganduna:
KAZI ubenjani umoya?


Dumisile Ngcobo:
HHHOWUUUUUU yehhhhhennnii.


Mondli Mashiza:
MANJE osisi laba babuye bawalanda ama-panty abo noma bagoduke sebe- hambaze?


Bhekinhlanhla Mdletshe:
NABO bawajikijela ngempela?