09 | Izindaba

Friday, 20  February 2026

Image

NGUMCULI uZawadi Yamungu, ozoba nekhonsathi
eThe Playhouse, eThekwini.

Umculi uZawadi nekhonsathi yokwelapha imiphefumulo


Thandi zondi

UMCULI uZawadi uthi abazobe bethamele umcimbi wakhe, iNgimuhle Album Tour, ozokuba seThe Playhouse, eThekwini mhla ka-07 March nonyaka, mabalindele ukwelapheka emoyeni.

Lo mculi ozakhele ugazi kubathandi bomculo ngezingoma zikaMntwana uMagogo, uthi ubone sekuyisikhathi esifanele sokuthi abantu bezwe umculo wakhe ngqo.

"Nakuba umculo wami ugqugquzelwa ngokaMntwana uMagogo, kepha nge-album yami ethi Ngimuhle, bese ngizwisa abantu okudidiyelwe, futhi kwakhiqizwa yimi," esho.

Noma kunjalo, uthi usazoqhubeka nokuwuhlonipha umsebenzi kaMntwana uMagogo, njengoba nakwi-album yakhe enengoma yakhe ethi, Ngithethelele.

UZawadi (osezithombeni ezingezansi), uthi iningi litshengise ukuwuthakasela umculo wakhe, ikakhulu ingoma ethi, 'Ngimuhle,' egqugquzela nokuzamukela kwabesifazane.

Image

"Ngithole ukwesekwa kakhulu ezinkundleni zokuxhumana, abesifazane bebonga ukubalwa kule ngoma, abanezinwele zendalo, abanesishwapha nokunye, ngoba kubalulekile ukuzithanda wena kuqala.

"Indaba yezinwele ijule kakhulu, yizona ezisisondeza kwabakithi abangasekho nakuMdali, ukuze kuxhumaneke nathi kahle.

"Kubaluleke nakakhulu ukuzamukela ubunjalo bakho, okuyinto ezosiza isizukulwane esiza ngemuva ukuthi singalahleki, kepha sizazi ukuthi singobani," kuchaza uZawadi.

Uthi lo mjikelezo uqale eCape Town, njengoba sewuza eThekwini. Olandelayo uzoba ngomhla ka-14 March, eGoli.

"Ngimangele ngokwesekwa engikuthole eKapa. Ngajatshuliswa nokubona umlingisi uThembi Mtshali, eyingxenye yabakade bezothamela.

"Sengithe mangibuye ngize ekhaya lapho ngibunjwe khona, bese ngiqhubeka nendlela," esho.

Image

Phakathi kwabazobe beyingxenye yomcimbi wakhe, ubala iThe Soil, uSindiswa Zulu noNdabezinhle Mntungwa.

"Mahle kakhulu amazwi engiwathola kubantu, abanye bathi umculo wami ubakhumbuza endulo, bazizwe benokuthula, okungenza ngiziqhenye kakhulu ngomculo wami.

"Ofisa ukwelapheka makangaphuthelwa, amathikithi asekhona, kuzobe kumnandi," kuchaza uZawadi.

Useke wahlabana ngendondo yeMusician of the Year Award, kumaLadies In Media Award, eGhana.

Amathikithi atholakala ewebtickets nakuma- link asemakhasini akhe ezokhuxhumana.