05 | Izindaba
Friday, 20 February 2026
Baphoqa ukushintshelwa abaphenyi abasolwa ngokukopela u-matric
Mthobisi Sithole
BAFUNA ukushintshelwa ithimba labaphenyi abafundi ababanjelwe imiphumela kamatikuletsheni, ngenxa yezinsolo zokuthi bakopelile nyakenye, ngesikhathi kubhalwa izivivinyo zokuhlolelwa ukuphela konyaka.
Abafundi baseZwelinjani High School, eMsinga Top, endaweni yakwaNocomboshe, bafuna kushintshwe izikhulu zomnyango eziphenya ngezinsolo zabo ezingeni lesekethe, njengoba bethi bayaphoqwa ukuba bavume leli cala.
Omunye wabafundi oxoxe neLANGA Lempelasonto, uthe indlela okusingethwe ngayo icala labo, ishayisa amakhala. Uthe izikhulu ziyabaphoqa.
"Umnyango kuwumsebenzi wawo ukuthi uphenye, kodwa uma sesiphoqwa, kubi lokho. Asijabule neze ngendlela esihlukunyezwa ngayo ngoba kasikaze sikopele," kusho umfundi.
Abafundi basolwa ngokukotsheliswa iMaths, iMaths Lit, Life Sciences nePhysical Sciences.
Ilungu lesigungu sabazali bezingane ezifunda kulesi sikole, uNkz Celiwe Ngubane, lithe kuliwa izimpi ngezingane zabo.
Liveze ukuthi kunezinsolo zokuthi kukhona uthisha wakulesi sikole owatshela umnyango ukuthi bekukotshelwa.
"Kungani umnyango usebenzisa izinsolo ozitshelwe nguthisha olwa izimpi zakhe, ngoba engezwani nabanye othisha?
"Sibuhlungu ngoba lo thisha owenze le nto usebalekile nasesikoleni. Lokho-ke kwenza ukuba sikholelwa ezinsolweni zokuthi kunezimpi," kusho uNkz Ngubane.
Ngokusho kwabafundi, bathi abakubhalile yilokho abafundiswe khona. Ngokwemithombo yaleli phephandaba, kuthiwa ngesikhathi kumakwa amaphepha, kunemibuzo ebingamakiwe, etholakale ngesikhathi sekuphenywa.
Abafundi kubacasulile ukuthi kungani eminye imibuzo ingamakiwe.
"Kuningi okushayisa amakhala ngalezi zinsolo," kusho umthombo.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthi abafundi kufanele balandele imigudu yoMnyango wezeMfundo.
"Ukuphenywa kwaleli cala kujulile ngoba yizinsolo ezibucayi. Umnyango ezingeni lesifunda, uyalusebenza udaba, kodwa nehhovisi lenhloko yomnyango elibhekelele ezokubhalwa kwezivivinyo, lizohlangana nabazali nezingane," kusho uMahlambi.
mthobisis@ilanganews.co.za