04  | Izindaba

Friday, 20 February 2026

Kulobe: uThandi Zondi

Ezikaqedisizungu

 Kuzogxilwa eqhazeni labesifazane uma kunomgidi wababuya entabeni kwaXhosa

 Lolu hlelo luzokwethulwa nguMoshe Ndiki, othi lumkhumbuze olwakhe uhambo...

Image

NguMoshe Ndiki, ozokwethula uhlelo olusha, iMgidi Moms.

UMOSHE Ndiki ukufanisa nokubuyela ekhaya ukuba sohlelweni olusha iMgidi Moms, oluzotshengiswa kuMzansi Magic, olumayelana nokungena esigabeni sobudoda kubafana besizwe samaXhosa abasuke bebuya entabeni, belindelwe ngonina.

Lolu siko olulawulwa ngamadoda ikakhulu, lutshengisa iqhaza elibanjwa ngabesifazane ekulungiseleleni lo mcimbi.

"Ukubuya kuMzansi Magic, kungathi ngibuyela ekhaya, lapho amaphupho ami aqala khona ukuziveza. Ngiyohlezi ngingumlandeli walesi siteshi ngenxa yendlela esikhula ngayo ezinhlelweni zaso," kuchaza uMoshe.

Uthi uvume ukwethula lolu hlelo, ecabanga ukuthi luhle nokuthi sekuyisikhathi sokuthi abamnyama baxoxe izindaba ezingabo. 
Ukuba kulolu hlelo uthi kumkhumbuze olwakhe ngqo uhambo lokungena ebudodeni lwango-2009.

Image

Uthi umndeni ngamunye awuvakashelile uzizwe eyingxenye yawo.

"Lokhu kutshengisa ukuthi singabaseNingizimu Afrika sivuleleke kanjani. Umndeni ngamunye engiwuvakashele, ngizizwe ngamukelekile kuwona, ngaphathiswa okwengxenye yawo. Kuningi engizokukhumbula nobudlelwano obenzeke ngendlela," kuchaza uMoshe.

Lolu hlelo uthi kaluqhakambisi nje usiko kuphela, kepha nomsebenzi owenziwayo ukuhlanganisa lo mcimbi omkhulukazi, nengcindezi ebakhona.

"Sihlonipha nomama abenze konke kwaphumelela. Sekuyisikhathi sokutshengisa amandla abesifazane nomsebenzi wokuhlanganisa konke," esho.


Uthi kubalulekile ukuthi abantu balubuke lolu hlelo ngoba lunothile ngokwesintu, lushuthwe kahle futhi lwethulwa kahle.

IMgidi Moms izoqala mhla ka-29 Mashi, izotshengiswa njalo ngamasonto ngelesi:18h00.