03  | Izindaba

Friday, 20 February 2026

Owokholo ucacisa 'ngokungezwani kwakhe noJumbo'


"Uma senikhulume naye (uLungelo) qhubekani naye, akukho mina engizokush
o"

Kuthiwa uLungelo akabonakalanga emcimbini wosuku lokuzalwa kukaJumbo...

Image

Umculi wowokholo uLungelo Hlongwane.

Thandoluhle Ngubo 

UCACISA ngamahebezi obudlelwano "obumuncu", okuthiwa buphakathi kwakhe nozakwabo umculi wowokholo uLungelo Hlongwane, okuthiwa useyinkukhu nempaka nozakwabo abebengamathe nolimi naye, uJumbo.

ULungelo ubekhuluma naleli phephandaba, lapho eqinisekise khona ukuthi ukhethe ukuhlukana noJumbo, ahambe indlela yakhe. Emicimbini eminingi uJumbo noLungelo bebengahlukani, bejwayele ukucula bobabili.

Bekuqapheleka ukuthi uJumbo kwesinye isikhathi ubevulelwa nguLungelo esiteji noma uLungelo angene uJumbo esephakathi nokunandisa, kodwa muva nje kuqapheleke ukuthi abasabonakali bendawonye.

Image

Umculi we-gospel, uJumbo.

Okuqubule kakhulu lawa mahlebezi wukungabonakali kukaLungelo emcimbini wokugujwa kosuku lokuzalwa kukaJumbo ngomhla ka-10 kwephezulu.

Umthombo waleli phephandaba ongashayi eceleni, uthi kukhulu ukungezwani phakathi kwalaba baculi. Uthi okuvela njengomnyombo wengxabano yabo, wukuthi uJumbo ubengafuni uLungelo axhumane nabanye abantu, emlawula ukuthi aphile kanjani, nobani.

"UJumbo nguyena obekhokhela uLungelo i-rent endaweni abehlala kuyona, emthengela ukudla, nokunye. Bekuthi uma beyosebenza, uJumbo amnike ingxenye yemali ayikhokhelwe. Inkinga beyiqala uma uJumbo esefuna ukushayela uLungelo umthetho emlawula, sekunzima nokuthi ahlangane nomndeni wakhe," kusho umthombo.

ULungelo uqinisekise ukuthi uqoke ukuhlukana noJumbo, kodwa akukho ukungezwani okukhona phakathi kwabo.

"Akulona iqiniso ukuthi kukhona ukungezwani phakathi kwami noJumbo kodwa yimi oqoke ukuphuma, ngizisebenzele ngendlela yami. Ukungabonakali kwami emcimbini wosuku lwakhe lokuzalwa, kungenxa yokuthi ngangimatasa nomsebenzi," esho.

Ebuzwa ngokusebenzisana kwabo esikhathini esizayo, uphendule ngokuthi lokho kuyokwenzeka uma kuvuma inkosi. UJumbo wenqabile ukuphawula ngalolu daba.

"Uma senikhulume naye (uLungelo) qhubekani naye, akukho mina engizokusho," kusho uJumbo.