Ezemidlalo | 18
Friday, 02 May 2025
NGUMQEQESHI wamaZulu FC, u-Arthur Zwane enika umdlali wakhe, uTshepang Moremi amaqhinga.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Mfanafuthi Ndlovu
UMQEQESHI wamaZulu FC, u-Arthur "10111" Zwane, udonse ngendlebe abadlali bale kilabhu ngobumqoka bemidlalo yabo yeligi esele.
USuthu luzobhekana nePolokwane City koweBetway Premiership ngoLwesihlanu ngo-19h30 eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.
UTshepang Moremi ogijima esiswini oSuthwini utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi umqeqeshi wabo ubadonse ngendlebe ngobumqoka bale midlalo.
"Umqeqeshi (u-Arthur Zwane) usitshele ukuthi sinabadlali abaningi abahle, kufanele siqikelele ekutheni kasidedeli lutho ekhaya kule midlalo esele.
"Siyazi ukuthi iPolokwane idlala ibhola elinjani.
Silwenzile ucwaningo ngayo, sabona lapho ibuthaka khona nalapho inamandla khona.
Nginethemba lokuthi sizowunqoba lo mdlalo,'' kusho uMoremi.
Unxuse abalandeli ukuba baphume ngobuningi babo ukuyobeseka kulo mdlalo.
UBAMBE ubala unozinti woSuthu uVeli Mothwa emdlalweni odlule, ogcine uphele ngo-2-1, ludliwa, lubhekene nePolokwane City.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
* Khonamanjalo, konke sekumi ngomumo ngoSuthu Bootcamp ezoqala ngoMgqibelo ngo-09h00, eKings Park. Kwabafuna ukuba yingxenye yayo, wu-R250 ikhanda lendoda, kuthi abafike kuqala bathole izipho.
* ILANGA libambisene namaZulu, lizophisana ngamathikithi awu-5 ale Bootcamp.
Thumela umqhafazo othi HEBE1 enombolweni ethi: 081 641 2140.
Umcintiswano uzoqala ngo-08h00 kuya ku-16h00 ngoLwesihlanu.