Ezemidlalo | 21
Friday, 02 May 2025
NGU-JIMMY Tau esagijima kwiChiefs.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Mfanafuthi Ndlovu
IPHONSELA inselelo abadlali beKaizer Chiefs nabe-Orlando Pirates inkakha yaseNingizimu Afrika egijime kuwona wamabili la makilabhu.
IChiefs izovovana inkani nomkhaya bayo, iPirates koweBetway Premiership ngoMgqibelo ngo-15h00 eFNB Stadium, eSoweto.
UJimmy Tau ungomunye wabadlali abasemabhukwini omlando walo mdlalo womkhaya njengoba ewugijime edlala kuwona womabili la makilabhu.
NGU-TAU esagijima kwiPirates.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Ekhuluma naleli phephandaba, uphonsele inselelo abadali bawo womabili la makilabhu.
"IChiefs ilwela ukuqeda kwi-top 8 kanti iPirates ilwela isicoco seligi. Yisona sikhathi lesi lapho abadlali bawo womabili la makilabhu kufanele bazibonakalise khona.
"Lo mdlalo umqoka kula makilabhu ngoba emuva kwawo azophinde atholane kowamanqamu weNedbank Cup, ngakho-ke kuyaphoqa ukuba abadlali bakhombise iqophelo eliphezulu kuwona kwazise abalandeli bawulangazelele.
"Nabo-ke abalandeli, ngiyabacela ukuba bafake umfutho kubadlali ukuze sizobuka ibhola elisezingeni eliphezulu,'' kusho uTau osengumhlaziyi webhola kwaSuperSport.