Ezemidlalo | 20

Friday, 02 May 2025

Umakadebona nesicelo kubadlali bePirates ngeChiefs


Uncome ubuholi beBucs ngobuqotho

Image

NGURELEBOHILE Mofokeng wePirates ejabula emuva kokuba unompempe ebeke iphenathi ngesikhathi iBucs ibhekene neChiefs emdlalweni odlule.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Mfanafuthi Ndlovu

INKAKHA ezakhele udumo igijima kwi-Orlando Pirates ngezikhathi zakudala, yenza isicelo kubadlali beBucs ngaphambi komdlalo wayo omqoka nezimbangi zayo ezinkulu, iKaizer Chiefs.

La makilabhu azobhekana koweBetway Premiership ngoMgqibelo ngo-15h00 eFNB Stadium, eSoweto.

UTebogo Moloi ozakhele udumo egijima kwiBucs, uthi abadlali bayo kufanele benze isiqiniseko uma sebengena enkundleni ukuthi kabamuphoxi usihlalo wale kilabhu, u-Irvin "Iron Duke" Khoza ngokuthi behlulwe yiChiefs.

"UKhoza uyithanda ukufa iPirates, ngaso sonke isikhathi ufuna ukuhlale eyibona iphumelela.
Izinto ezinhle ezenzeka kwiPirates kungenxa yobuholi bakhe obuqotho.

Image

NGUTEBOGO Moloi owayeyibamba kwiPirates.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Ukubeke kwacaca ukuthi iPirates akufanele iphele ngeyezizukulwane ezizayo.

"Umdlalo womkhaya neChiefs uhlale umnandi ngaso sonke isikhathi kwazise bonke abadlali basuke befuna ukuthola udumo emdlalweni walolu hlobo.

"Abadlali bePirates kufanele bawunqobe kumnyama kubomvu lo mdlalo, bawunqobele uKhoza, abalandeli nabo uqobo.

"Nginesiqiniseko sokuthi kayikho into ezomjabulisa (uKhoza) njengokunqoba lo mdlalo womkhaya,'' kusho uMoloi.