Imibono | 14
Friday, 02 May 2025
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi: Isimanga umphakathi wemulisa inkosazane yamanzi, abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:
LESI yisithombe esiwumfanekiso.
MJ Zulu:
UMA iZwe lingafunda kulowo mphakathi, zingaphela izikhukhu-la nokuminza kwabantu emfuleni.
Sesaba ngomaphoqa bulungu. Le nto ifuna ukwenziwa izwe lonke, kulinywe namasimu kube nawe- Nkosazana alinywa ngendlela ekhethekile, sibuyise okwakuphi-lisa okhokho bethu🙏
Bonisiwe Hlongwane:
NGIYIBEKILE iNdlondlo izofika kubencane indawo, kubhidlike kwaleyo ndlu enayakhela yona iNkosazana, ngoba kusho ukuthi ukhona umnikazi wayo kulabo abaphusha ukwemuliswa kwayo. Sesithembe iNdlondlo thina.
Xolani Schuste Phuthini:
LOLU daba lwalenkosazana ngiyalukhumbula odabeni lukababa u-Ayanda Msweli. Ngasala ngimangele nje abantu bexoxa izigameko ezenzeka kuleya ndawo.
Nkosi Mbambo Mbambo:
UBANI lo osemulisa inkosazane yamanzi indala kangaka?
Hhayibo! Thina sazalwa ikhona, siyaguga manje. Yena lo oyemuli-sayo uke wayibuza kodwa ukuthi ayikaze imule yini? Ngoba phela ngineqiniso lokuthi naye uzalwe ikhona.
Sbongiseni Nozipho Mvubu Buthelezi:
KAHLENI bo! Kusho ukuthi kunesangoma esibhulile, sathi mabenze njalo?
Ningakhohlwa wukuthi kwake kwaba khona noNonqawuza intombi kaMhlakaza.
Syakha Botas:
WONAKELE umhlaba, woniwa ngabantu. Kwakhona nje ukuthi inkosazane abantu bayibone ngamehlo, kwakungenzeki emandulo. Eyi lifa ngathi ilizwe, shwele mina angihaleli futhi angifisi ukubona into enjalo.
Xolani Xerxes Duma:
UZOZWA kuthiwa isilotsholiwe, isizoshada.
Phumelele Mbal'enhle Mfeka:
KANJANI?? Ziphi izithombe??👀
Zandile Dlamini:
UMA kuyinto abakholelwa kuyona leyo, kulungile.
Mpendulo uTsotsi Wendawo:
NENZANI lapho eMsinga?
Fezile Mafezy:
AWU laphuma iqiniso, yikho izikhukhula zinje, yile mihlola.
Cebo KaKhali Ozivundla Mbatha:
NGIYAFISA ukuba khona kulo memulo! Isimangaliso esiyokwenzeka lapho kangifuni ukuxoxelwa ngaso.
Ngcebo WaseMachunwini Majola:
KUYOBE yiseMsinga-ke njalo....
Phummy Mchunu:
SIZOMILA izimpondo inkosi impela!
Mbongeni Mshoshaphansi Zikode:
ABANTU kabakuqondi ukuthi yizwe likamoya, bazobona sengathi kuyadlalwa.
Maka Anelisa Mbanjwa:
BANGAKHOHLWA ukuyihlola ngaphambi kokuba isine.
Nozipho Nxumalo:
YIKHO nemvula ingaka, mihlola mini leyo?
Slindile Zungu KaMthetho:
ALISALE selibhubha nkosi yami.
Mandisa Malinga:
ISEKHAYA-KE lapho phansi eMabomvini, eMsinga, eNhlonga. 🥰♥️💃🏼💃🏼💃🏼-
Ernest Nhlangoti:
LABO badinga umhlaba wabo bodwa nje.
Cyabonga Shoba EDundee:
LE nto yayingabonwabonwa isinoma yikanjani. Ngiyaxakeka manje.
Sicelo Mdlalose:
UNOMKHUBULWANE wenzelwa i-21st, uyabonwa yini kanti?
Khulas Kbee Mayilo:
LENKOSAZANA yamanzi ayigugi yini?
Sengane Mgazi:
SISAZOFA thina yizimvula ngoba kwenzeka yonke into le engachazeki.
Maxwell Khoza:
MULISANI izingane, abantu bayayikhumbula imemulo, bangaze basenzele izinto ezingekho lapha.
Black Beast SA:
ASETHEMBE bazoyitholela nomshado simenywe, siye khona esizibeni.
Siboniso Mkhize:
ABAVELE phela abaseMsinga abathi nabo bangofakazi, bayibona.
S Njabulo Gwalo:
SAZI iSilo sinye, ngathi eMsinga sekukhona esabo. Hhaybo, naba abantu bephuma inxiwa!
ThembalamaSengwayo Ziphozamancwane:
IZULU lina njalo nje, yiyo le mihlola eyenzeka ezweni.
Styles Ndabezitha:
ISIGCINO sizozwa sekuthiwa kukhona oyoyikhehla inkosazane leyo.
Bongeka Mdletshe:
KANTI sisazofa ngempela yimvula?